Incazelo ngoNomkhubulwana

Incazelo ngoNomkhubulwana:

Abantu baseNdulo babekholelwa ekutheni u-Nomkhubulwana wabe eyiNdodakazi kaMvelinqangi, babekholelwa ekutheni nguyena owayenisa iZulu, ebanika izivuno ezihle emasimini. U-Nomkhubulwana ubuye ube wumoya ongena umuntu ikakhulukazi umuntu wesifazana umnike amandla okunisa izulu. Lokhu kufakazelwa impilo yeZiNdlobukazi zasebuLobedu kanye nezasebuLozwi ezazinamandla okunisa izulu, lezo ZiNdlovukazi ngoKhwini Mujaji zasebuLobedu, u-Lewanyika yaBaLozwi kanye noTenkela Mbedzi waBaVenda. Lena enhla nezwe umoya kaNomkhubulwana bawubiza ngokuthi umoya weWosana noma Wozana. Abantu baseNdulo ikakhulukazi abakwaZulu babemazisa kakhulu u-Nomkhubulwana kangangokuthi babeze bamenzele noMcimbi omkhulukazi, aphiselwe utshwala u-Nomkhubulwana kubuswe endaweni kube kuhle kube yinqaba ,kufinywe ngendololwane iphekwe ngomhluzi wenye. Igama lotshwala ayephiselwa bona u-Nomkhubulwana lalibizwa ngokuthi u-Nomdede, kanti nedili nje lonke lalibizwa ngalo lelo gama likaNomdede. Le Nkosazana yeZulu amaZulu ayeyithanda kakhulu kangangokuthi ayeze ayitshalele nensimu enkulukazi . Kuleyo nsimu kwakutshalwa ingxubevange yembewu , kuthi nxa kumila lokho okusuke kutshaliwe -kuyekwe nje kungahlakulelwa . Uma sekukhulunywa iqiniso lalina ngempela izulu ngezikhathi abantu bakwaZulu besamazisa u-Nomkhubulwana, yebo yayiba khona iminyaka yesomiso kodwa kwakungavamile ukuthi ibe khona. Kwakuthi uma sixake ngempela isomiso mhlawumbe iminyaka ize yelamane iNkosi esuke ibusa ngaleso sikhathi noma iNkosi esuke inkulu(iNgonyama) ngaleso sikhathi ikhiphe izinsizwa ziphikelele kwelabaLobedu kwi-Ndlovukazi u-Mabelemade eyayaziwa kakhulu ngeleNdlovukazi u-Mujaji . Abantu bakwaZulu babekholelwa ekutheni le Ndlovukazi yabe ingehlulwa lutho , yabe inamandla okunisa izulu. Empeleni nakwaZulu zazikhona izinsizwa ezazikwazi ukunisa izulu ,kodwa kwakuhamba kuhambe zishaye eceleni kuze kudingeke ukuba kunyukwe kuyiwe ku-Mabelemade. U-Ngoza waBaThembu kuthiwa wayengomunye walezo zinsizwa ezazikwazi ukunisa izulu . Ngisho noKhokho wakhe u-Mnisi ka Ndaba ka Lushozi ka Geze wakhona eBathenjini naye kuthiwa wayelinisa izulu. Yena-ke wayephila ngesikhathi seNkosi u-Jobe ka Khayi yaBaThethwa, uzele uJama noNdina abaphila ngesikhathi seNkosi u-Dingiswayo . Kahle -hle isiphiwo sokunisa izulu siwumoya , osuka ensizweni noma ku-Mame ongasekho ungene komunye osuke esaphila. NoMlotsha ka Siwela wakwaKhumalo naye kuthiwa wayekwazi ukulinisa izulu. INkosi u-Ngoza ka Mkhubukeli yona kuthiwa yayikwazi nokulivala lingabe lisana , yisona kanye isizathu esayixabanisa neLembe leso.

Ngaphandle kuka-Nomkhubulwana kwabuye kube khona u-Nomhhoyi naye owayethi akahlonishwe njengoNomkhubulwana(please don’t copy and paste) . U-Nomhhoyi yena wayesebenza lapho abantu besenhluphekweni bexakwe isifo esithile ,noma bexakwe yi-Mbo(uNakane), noma kuxake nje isifo esithile emfunyweni,noma isihlava emasimini. Kuthiwa kwakutshelwa amantombazana angakazi lutho ngomfana ukuba akhale acele ku-Nomhhoyi ukuba aqede le nkathazo. Kuthiwa la mantombazana ayehlanganela kwasalukazi lapho ayefike akhumule abe nqunu hlwi, bese ephuma eya emasimini asiphule amakhaba asengenwe yisihlava ememeza ethi ‘Maye ngamabele oMama!” Lezi zithombo ayezisiphula amantombazana ayeya kozitshala esihlabathini. Insizwa ehlangana nezintombi zinqunu kanjena yayisubatha ngejubane ngoba yayiba nesisila uma zize zafinyelela eduze.


Igama likaMabelemade owayephila ngesikhathi seNkosi u-Shaka kwakungu- Maselekwane Modjaji okuthiwa wayekhonzwe kakhulu iNkosi u-Zwide yabakwaNdwandwe. I-Ndlovukazi u-Maselekwane yayilinisa izulu emini izwe libuka kungabindazalutho. Njengoba besengishilo kuthi ukunisa izulu kuwumoya, kwathi ngemuva kokukhothama kweNdlovukazi kwabusa iNdlovukazi u-Masalanabo nayo eyayikwazi ukunisa izulu. Ngemuva kweNdlovukazi u-Masalanabo kwabusa iNdlovukazi u-Khesotoane nayo futhi eyayikwazi ukunisa izulu , ngemuva kwayo kwabusa iNdlovukazi u-Makoma eyalandelwa iNdlovukazi u-Makope eyalawandelwa iNdlovukazi u-Makobo eyakhothama ngo-2005 .Zonke nje iZiNdlovukazi zabaLobedu zazikwazi ukunisa izulu futhi licelwa kuzo.

Ake ngime lapho okwanamuhla ,ngokuzayo ngixoxa ngokuphalaza , ngichaze nokuthi kungani kubalulekile ukuthi izinsizwa ziphalaze

#Khumu!

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo