Incazelo ngokubaluleka kokuphalaza:

Incazelo ngokubaluleka kokuphalaza:

Zintathu zokuphalaza , kulezo zizathu singabala ukuletha inhlanhla,ukuxosha omoya ababi /amaphupho amabi, ukwakha ugazi,ukwelapha, kanye nokuthi izinsizwa ihlale iphile qingqo nje inguMqemane. Abantu bakudala ikakhulukazi abakwaZulu babephila ngakho ukuphalaza ingakho babengaphathwa kalula izifo. Kubalulekile ukuba umuntu ahlale ahlale ahlanze umzimba. Zintathu izindlela zokuhlanza umzimba, ukuphalaza , ukuchatha , kanye nokugquma noma ukufutha. Insizwa ehlezi iphalaza ayiphathwa imikhuhlane kalula ngoba amaphaphu ayo asuke engenazo izindenda , isuke izikhiphile ngakho ukuphalaza . Ake ngenze isibonelo nje ngoMaphipha, u-Maphipha umuthi obomvu ngokumbala oshintsha amanzi abe bomvu tebhu okwegazi , ucishe ufane neNtolwane kodwa wona ungenhla ngokubaba. Lo muthi uwumuthi onikeza igazi amandla kumuntu osuke ephalaze ngawo, ubuye uhlanze namaphaphu ukhiphe zonke izindenda umuntu azizwe ephile enguMqemane. Isichongo sawo siyaphuziswa izimbuzi , izimvu ,izinkomo ukuze zikhuluphale. UMaphipha ubuye ubiliswe bese uphuzwa njengeSiphungo ukuqanda umkhuhlane. Bese kuba uMkhanyakude , uMkhunyakude nawo usebenza kakhulu ekuphalaziseni. Wande kakhulu lena koJozini, Manguzi , Mhlabuyalingana. uMkhanyakude uletha izinhlanhla kumuntu osuke ephalaze ngawo, uyefana nemithi efana noBhubhubhu, uVumakubangoma, iNhlanhlemhlophe kanye nemimye. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi uma insizwa iphalaza ithi chatha kancane uMkhunyakude. Angedlule kuMkhanyakude , ngithinte uVumakubangoma obomvu. Babili oVumakubangoma , kukhona uVumakubangoma obomvu kanye noVumakungoma omhlophe . Bobabili oVuma baletha izinhlanhla kumuntu osuke ephalaze ngabo, kodwa uVumakubangoma obomvu ubuye uxoshe namaphupho amabi kanye nomoya ababi. UVumakubangoma kahle-hle igama lawo langempela kuthiwa yi-Sikhwili(hhayi induku) , leli elikaVumakubangoma laqanjwa ngabaNgoma ngoba bewukhonze kakhulu lomuthi ngoba uletha ugazi kumuntu. Phela umuntu uma engenwa yi-Dlozi uphelelwa wukuthandeka ,avele abe nesigcwagcwa kangangokuthi ngisho nabakwabo bagcina bemexwaya bangamthandisisi kahle, kodwa uma eke waphalaza nje ngoVuma kubuya konke ukuthandeka. Lapha ngizama ukunichazela nokunivezela ukubaluleka kokuphalaza.

Endulo kwabe kuyisiko lesiZulu ukuba izinsizwa noma umuntu abe noBulawu bakhe aphalaza ngabo. EBulawini bezinsiwa wawungasali , uMaphipha, iNgwavuma, uVumakubangoma, kanye noBhubhubhu ngoba izinsizwa zazikholwa ukuthi lemithi iletha izinhlanhla ,futhi eminye yayo igeza igazi umuntu abe nobuso obuklasile.


Nakhu okubalulekile*

Uma izinsizwa ithaka noma ihlanganisa imithi yokuphalaza kufuneka ithake imithi ebomvu ihambe yodwa ingahlangani nemhlophe. Uma izinsizwa izophalaza kufuneka iqale ngoBulawu obubomvu ,bese mhlawumbe ngemuva kwesonto /iviki ilandele ngoBulawu obumhlophe . UBulawu obubomvu buthakwa ngemithi efana noVumakungoma obomvu, iNtolwane, uMaphipha, uMganu, uBhubhubhu kanye nemimye. UBhubhubhu lungena nxazombili, eBulawini obubomvu kanye nobubomvu . UBhubhubhu luPhuzi ngokombala. UBulawu obumhlophe buthakwa ngoVumakubangoma omhlophe, uBhubhubhu, uMadlozana, iNhlanhlemhlophe kanye nemimye. Ize izinsizwa zamanje sezaxuba imithi ebomvu nemhlophe kodwa eqinisweni akufanele kube kanjalo.

Nakhu futhi okunye engingakuphawula mayelana ngokuphalaza*

*Endulo noma ngithi kudala ukuphalaza kwakujule kakhulu kangangokuthi kwakubuye kuthinte nobuthakakathi. Kwakuthi uma insizwa lapho uma ifuna ukuthela enye ngesisila yayithi uma iphalaza ibe imemeza igama laleyo efuna ukuyithela ngesisila. Yayitheleka ngesisila ngempela lensizwa eyayisuke imenyezwa ikakhulukazi uma leyo nsizwa isalele . Kuyileso sizathu -ke ngenkathi kukhula thina sasiphoqwa ukuba sivuke ekuseni kuseMpondozankomo siyochama eSibayeni ingakachami iNkunzi. Phela iNkunzi yezinkomo yiyona echama kuqala zingachami ezinye, azichami yona ingakachami, akwenzeki lokho.

Okunye engingakuphawula ngokuphalaza wukuthi kuyalikhipha idliso , kuliphikiphe impela selehlule oDokotela . Kuyayikhipha futhi neNtando, iphume impela iNtando kuphele uButhingithingi endodeni. Kuyileso sizathu abafazi abadlisa amadoda bengafuni amadoda abo ukuba abe nabangane ngoba basuke besaba ukuthi abangane bayo leyo ndoda bengagcina beyise enyangeni thizeni yayophalaza , futhi abafuni ukuthi amadoda abo aphuze utshwala ngoba basuke besabela ukuthi angagcina edakwe wutshwala aphalaze yonke into esesiswini.

Okunye futhi engingakuphawula ngokuphalaza wukuthi kukhona imithi ethinta iDlozi , uthole ukuthi izinsizwa zesibongo esithize aziwushiyi nangephutha lowo muthi uma ziphalaza . Lowo muthi usuke ufana nokuthi owakubo. Usibonelo nje iNqayi elimhlophe lisetshenziswa kwaKhumalo noma kwaMabaso. Izinsizwa zaseMaNtungweni zilazisa kakhulu iNqayi elimhlophe kangokuthi zize zilibize ngoMntungwa , zingalinizi ngegama. EzakwaZwane zona ziphalaza ngezimpande zoMhlonhlo (hhayi uMdolofiya). UMhlonhlo ubuye ungene nakwaKhumalo, kuningi okwakwaZwane okubuye kungene nakwaKhumalo, okunye kwakho isilwane iNsele. INsele siyazi ukuthi isilwane esihlonishwa kwaZwane kangangokuthi ngisho nengane yakhona kwaZwane ishunqiselwa ngayo iNsele uma isanda kuzalwa, kodwa neyakwaKhumalo nayo iyashunqiselwa ngeNsele . Ngakho-ke iNsele ingena ezindengezini zakwaZwane ,iphinde ingene nakwezakwaKhumalo.

Ake ngime lapho nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu

#Khumu!

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo