Izincazelo zamaphupho

IZINCAZELO ZAMAPHUPHO

*Uma kuzohamba umuntu emhlabeni kubakhona izimpawu ezishoyo ukuthi kukhona okuzokwenzeka. Kunamaphupho akuvezayo ukuthi kunomuntu ozohamba emhlabeni. Omunye abe nenhlanhla ngisho nokumbona umuntu lowo ozohamba emhlabeni. Ukufa yinto engeke siyivimbele ukuthi ingenzeki. Kweminye imindeni bakhishwa yizisu bonke ngesikhathi esifanayo. Abanye abantu bona bashywe uvalo kodwa bungekkho ubungozi.

Amaphupho abika ukufa :-


Uma uphupha udwende noma ngesinye isikhathi uphuphe kushada umuntu noma umbone ukuthi ngubani oshadayo kuyenzeka ukuthi kushone lowo osuke umbonile.

Uma uphupha kunesivunguvungu somoya omnyama kube sengathi kuyabophana esiswini. Noma kanjani kukhona ozohamba, umuntu wakini ozalwa naye esiswini esisodwa.

Uma uphupha ukhokhela umuntu wemoto imali kodwa imoto ihambe njalo ingami uze uphaphame. Usuke uphuphela umuntu wakini kungaba yingane yakho oyizalayo. Uma uphupha umuntu omaziyo ehamba ngemoto engehliki kuyona, lowomuntu uyahamba emhlabeni.

Uma uphupha kunabantu abaningi behlanganyela umuzi bewakha ngokushesha. Kuba ngumakhelwane wakho, umngani wakho omkhulu noma umuntu omjwayele nje.

Uma uphupha ibhokisi lomngcwabo nemoto yasemakhazeni. Kungashona umuntu wakini noma umakhelwane.

Uma uphupha izimpahla eziningi zokugqoka nempahla yasendlini endala. Kukhona ozohamba emhlabeni.

Uma uphupha amanzi amaningi ekungaba ahlanzekile noma angcolile kuchaza isifo. Amanzi angcolile ayasibika isisu noma umuntu okhulelwe.

Amaphupho okubika isisu noma ukukhulelwa:-

Uma uphupha izithelo eziningi ezahlukene. Kuyenzeka uphuphela umuntu wakini noma umngane wakho okhulelwe.

Uma uphupha udla izithelo kusuke kunguwena ozokhulelwa noma kanti vele usukhulelwe.

Uma uphupha ubhukuda emanzini angcolile noma udaka olunamanzi ubisha kulona kusuke kunguwena okhulelwe.

Kukhona abantu abakwaziyo ukuthi baziphuphele bona uma bekhulelwe kodwa isikhathi esiningi umuntu osuke ephushelwa ngomunye.

Kukhona iphupho othi uma usukhulelwe nabantu sebazi ukuthi ukhulelwe kodwa uthole ukuthi umuntu omdala ekhaya uzophupha futhi kodwa esebona ubulili bengane kulelophupho. Kunenkolelo yokuthi lelophupho lisuke lichaza ukuthi ingane iyisibusiso usuke uyiphiwe amadlozi akini.Kodwa inkinga ibalapho lengane uma isizelwe ivamise ukugula kakhulu. Ikakhulukazi uma ingahlawulelwanga kubo lapho izalwa khona. Izidalwa zivamise ukuyibanga. Futhi nawe mzali wengane kufanele ingane yakho uyibonge uma isizelwe ngoba inenhlanhla. Noma izobonwa kumele uyenzele okuthile ukugaya utshwala besintu nenyama yangaphakathi beze omakhelwane bayibone.

Kunamaphupho esikwaziyo ukuthi uma uwaphuphile wenze okuthile ukuze ukwazi ukugwema okungase kuvele. Kodwa awokufa nawokukhulelwa awukwazi ukuvimba noa ukugwema uma sekwenzekile. Kodwa kubalulekile ukukhumbula amaphupho osuke uwaphuphe ebusuku ngoba awusizo.

AMAPHUPHO NEZINCAZELO :-

Impisi: Ukuphupha ubulala impisi kusho inzondo, uma uyixosha kusho ukuthi uzonqoba ingozi, uma uyiphuphe ixosha abanye kusho ingozi nobubi.

Impohlo: Uma intombazane iphupha ikhuluma nempohlo endala kusho ukuthi kayisoze yenda, uma kuyimpohlo eseyinsizwa, kusho ukuthi uzokwethuka uhlangana nesoka lakho noma nesihlobo nje

Ukumpompa: Ukuziphupha ukhuluma ungasaqedi kusho wazi lukhulu okungafanele ukulukhuluma kodwa ongase ukukhulume ungangena emacaleni.

Izimpukane: Ukuphupha impukane kusho umona ozovela ngempumelelo yakho.

Ubumpumputhe: Uma uphuphe uyiyo impuphuthe, wothethiswa kade ubone iziphosiso zakho. Ngokunye kusho ukuswela imali ungaboni ukuthi wenzeni. Ukuthemba umuntu oyisitha sakho ngasese. Qaphela iziphosiso, ikakhulu maqondana nezothando.

Impungushe: Kusho icebo eloba ingozi kuwe. Uma ibulewe kusho ukunqoba izitha zakho. Ukuyifuya kusho ukudelwa nokuvelelwa amashwa kukho konke okwenzayo.

Isimungumungwane: Ukuziphupha sikuphethe kusho ukuthi uzothola ubucwabalalana bemali.

Umuzi: Ukuphupha usemzini omikahle kusho ukuthi uzonethezeka. Kepha uma abomuzi benyukubele kusho ukuthi uzovelelwa amashwa.

Imvilophu: Ukuphupha uyibona kusho ukuthi uzothola umngani omusha.

Izimvu: Ukuphupha ubona umhlambi wazo kuhle lokho lisho impumelelo ekuphileni kwakho. Kwabathandanayo kusho ukuthembeka kwesithandwa sakho, kwabaganene kusho inzalo.

Imvu emnyama: Ukuphupha uyibona kusho inzuzo.

Imvula: Ukuphupha imvula yisipho noma ilifa. Kepha kwabanye lisho ukugula okusheshe kudlule. Nxa lina isihlambi esihle, lihle ngoba lisho impumelelo kukho konke okwenzayo. Uma lina isiphepho, linomoya, liduma, libanika kusho inkathazo nelishwa bese ugcina ngokuphumelela.

Amanabukeni: Kusho ukuthi thokola themba uzowadinga, uwathenge, uwasebenzise.

Inala: Lisho ukuthi uzophumelela ezintweni ohlose ukuzenza.

Izinalithi: Ukuphupha izinalithi kusho indumalo ezindabeni zakho zothando.

Izinambuzane: Ukuphupha izinambuzane kubi kubika ishwa.

Amanandi (uswidi): Kusho ukuthi zimnandi nezindaba ezizayo.

Uncibijane: Ukuphupha kunguncibijane kusho ukuthi uzothola abangani abazokuthokozisa.

Incwadi: Lihle kakhulu uzoba umfundi wazo.

Izincwadi (amabhuku): Ukuphupha amabhuku iphupho elibika injabulo ezayo ezokuvelela ngendlela ethule ethe cwaka.

Izincwadi zeposi: Ukuzithola kusho uthandwa abesifazane uma ungowesilisa, bokwenza konke okusemandleni abo ukuba bakuthokozise. Okunye lihle lisho ukuthi uyokuzwa izindaba ezinhle. Ukuzifunda kuhle kongazi lutho noma kongafundile, kanti libi kofundile.

Izindaba: Uma uzwa izindaba ezinhle kusho ukuthi lindela indumalo. Uma zizimbi kusho ukuthi uzothokoza.

Indawo engcwele: Uma uphupha uyibona kusho induduzo nenjabulo. Uma uphupha uyihlobisa kusho ukuthi uyosheshe ushade uma ungakashadi.

Indiza mshini: Ukuphupha ukuyo, iphezulu ihamba kahle kusho impumelelo. Uma uthi ukuyo kube sengathi iyawa, isibonakaliso sokuba sebunzimeni, amathize thize empilo yakho. Uma uyiphupha iwa wena ungekho kuyo kusho injambiso.

Indlala: Ukuphupha kuyindlala kuhle kubika ukuthuthuka kwesizwe, nokuthokoza kuwe ngenxa yokunotha. Uyoba nabangane abaningi, nesithandwa sempela, nomuzi ohlezi ngokuzwana.

#INtungwa lasenhla kwaSokhumalo

#Khumu!

 

IShoba

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo