Izincazelo zamaphupho , awenhlanhla nawe bhadi .

 

Amaphupho enhlanhla :-

Njengawo wonke amaphupho kukhona angadingi incazelo uma uliphuphile kodwa kukhona lawo adinga ukuthi ucaciselwe ukuthi lisho ukuthini. Uma siqoqa lezindaba siyaqinisekisa ukuthi sibuza abantu abahlukene ngesihloko esibhala ngaso ukuze sibone ukuthi imibono yabo iyafana noma ihlukene kangakanani. Lapha sicubungula amaphupho enhlanhla.

Uma uphupha okusamuntu kodwa uma ubhekisisa umzimba awubonakali kuba sengathi yihlathi. Loluhlobo lomuntu lubizwa ngoNomkhubulwane. Kuthiwa uma umphuphile ekupha okuthile okuvamisile ukupha into osuke unayo okungaba ngamasimu, ibhizinisi noma imfuyo.


Lokhu kuchaza ukuthi konke onakho kuzokwanda ngoba ufike ngephupho wakuthembisa. Kuthiwa leyo inhlanhla yangunaphakade.

Uma uphupha inkosazane yamanzi isolwandle. Kuyinhlanhla enkulu nedlozi lakho lisuke licacile.

Uma uphupha usendaweni ekhanyayo noma usendaweni kubalele.

Kuyinhlahla kusho ukuthi izinto zakho ziyakhanya awukho ebumnyameni. Kuyenzeka futhi uphuphe usebumnyameni kodwa ugcine usuphumile usekukhanyeni. Kusuke kukhona okungahambi kahle empilweni yakho. Ukuthi ugcine usekukhanyeni kuchaza ukuthi kuzolunga.

Uma uphupha umuntu ekupha imali emhlophe nengamaphepha. Kukhona inhlanhla ezayo kuwena noma izinto zakho ziyalunga inhlanhla yakho bayayibuyisa. Ngoba akufuneki ukuthi imali uyiphe umuntu uma uphupha. Inhlanhla yakho kusuke kukhona umunt oyathathayo uma uphisana ngayo ephusheni.

Uma uphupha umhlengikazi lokho kuyinhlanhla, noma ngabe umphupha enza muphi umsebenzi.

Uma uphupha iphoyisa lijaha isigebengu, isigebengu sasho ‘inombolo’ inhlanhla leyo. uma ungumuntu odlala amahhashi ungahamba uyobheja ngaleyo nombolo.

Uma uphupha uphethe ingane encane izikhulula kodwa wangangcoli inhlanhla leyo. Ngoba uma ekuthitile isichitho noma isiphonso. Ingane iwunombolo 9 amakaka unombolo 36 kwababhejayo kuyinhlanhla.

Uma uphupha weluse umhlambi wezimvu ezimhlophe, inhlanhla enkulu leyo .Kuchaza ukuthi izindlela zivulekile .Imvu emhlophe isilwane esingavamile ukuphushwa inoma ubani .

-Amaphupho ebhadi :-

Amaphupho ebhadi isikhathi esiningi awadingi ukuthi ahunyushwe noma achazwe ngoba okwenzeka kulona kusuke kuyilokho okuphuphayo. Lezincazelo ezingezansi sizinikwe nguMama uNelisiwe Sibiya, ohlala endaweni yase Nanda eCongo.

Uma uphupha usendaweni emnyama ungakwazi ukuphuma kuyona. Kusuke kuyibhadi ongeke uphume kulona. Uma ujwayele ukuphupha leliphupho kubalulekile ukuthi uma ungumuntu okholelwa ezintweni zesintu uhambe uye kulabo ababonayo noma izangoma.

Usuke itshengiswa ukuthi izinto zakho zimnyama azilungile. Ibhadi liyenziwa ngumuntu owumthakathi enza ukuthi ungalungelwa yilutho empilweni. Kuthi noma uzama izinto ezikuyisa empumelelweni kungalungi lutho. Kumuntu okholwayo uyathandaza aze aphumalele.

Uma uphuphe ubhukuda emanzini angcolile, kuwona ubone ingane enqunu uthi uyayibamba ingabambeki. Ugcine usendaweni emnyama.

Leliphupho lijwayeleke kubantu besifazane abaphuphunyelwa yisisu. Kusuke kuyingane yakho leyo eyaphuphumayo. Leliphupho lisuke likutshela ukuthi ubumnyama bakho benziwa yini. Ingane isuke ikutshengisa ukuthi isikhulile ifuna ukwenzelwa izinto eziqondene nayo. Ngenhlanhla leliphupho liyakwazi ukuphumelela uma lowo ezolandela izigaba ezifanele. Umuntu wesifazane uyakwazi ukugeza lesinyama. Imithi itholakala kubantu abalaphayo ngokwesintu. Okubalulekile ukuthi nengane kufanele yenzelwe umsebenzi wayo owaziwa ngokuthi ukuyigqokise nokuyetha nokuyiqamba igama. Uma umuntu elandele lezigaba ezingenhla isinyama siyasuka.

Uma uphupha umuntu ekudunusela engagqokile okungabe uyamazi noma awumazi.

Lokhu kuchaza ibhadi elihambisana nesichitho eliza kuwena. Kokunye kuyenzeka kuvele umuntu omaziyo kwenzeke kube uyena okuphosa ngesichitho. Leliphupho lijwayeleke kubantu besifazane ababanga isoka.

Uma uphupha uphucwa imali umuntu noma uphuphe uphiwa into bese kuba khona umuntu okuphucayo.

Kusuke kuyibhadi lokuthi uzophucwa isipho sakho ositholile noma osazoosithola. Noma kuseke kukhona umuntu owathatha izinhlanhla zakho wazenza ezakhe. Esikhathini esiningi kuvamise ukuthi kube ngumuntu womndeni. Ngoba noma umuntu wangaphandle angakwenza kodwa akawazi amadlozi akini. Uthi noma ekwenza owangaphandle kungalungi kahle. Ngoba amadlozi akini ayakwazi ukuvulela inhlanhla. Kodwa uma kumuntu wakini kuba nenkinga ngoba ukhuluma nalo idlozi leli nawe okhuluma nalo. Ungakulungisa lokhu kodwa ngoba ungumuntu oseduze nawe angakwazi ukukubona uma wenza izinto eziqondene nalokhu bese yena egadla kakhulu kunakuqala. Ugcina ubona ukuthi zonke izinto oziphuphayo zenzeka kumuntu wakini. Uma uphupha umuntu ekupha izingubo ezindala noma ekuwashisa izimpahla zakhe ezindala. Amanzi owasha ngawo engcolile nezingubo ezichilizela ngakuwena.

Kusuke kuyibhadi kukhona umuntu okulethela ubumnyama emzini wakho. Kokunye uke uphuphe uphiwa imali emnyama noma uwathole endleleni. Imali emnyama ichaza ibhadi. Kusuke izinto zakho zingeke zikuhambele kahle empilweni. Noma kwesinye isikhathi usuke utshengiswa ukuthi kukhona izinto ezingahambi kahle. Umuntu ongumthakathi uyakwazi ukuthi akulethele ibhadi lokufa emzini wakho. Lokho ukubona ephusheni ngokuthi akulethele ingubo emnyama. Uma lengubo uyinqabile ephusheni lowo obekunika yona uzovelelwa okubi. Kodwa ngedlozi lakini ube usuyaboniswa ebusuku ukuthi kunezinto ezimbi ezizokwenzeka nezisa zokwenzeka. Amaphupho abalulekile ukuthi ungawakhohlwa uma usuvukile ukwazi ngisho ukuwachaza. Uma ungakwazi buza kubantu abadala ngoba kuyenzeka ukuthi kunento otshelwa yona.

Uma uphupha uwela umfulakazi bese uphaphama ngaphambi kokuba uwuwele lowo mfulakazi ibhadi lelo .Leli phupho lisuke lichaza ubunzima ozohlangabezana nabo phambili.

#Khumu!

IShoba

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo