IZAGA: Eziqondene nokuphathana kwabantu

IZAGA: Eziqondene nokuphathana kwabantu.

-(Isaga)

*(Incazelo)


-Unyawo alunampumulo

*Incazelo yaso ithi ubophatha kahle abantu , ngoba awazi lapho unyawo lwakho luyokuholela khona kusasa. Kubuye kuthiwa unyawo alunamehlo, noma unyawo luyimpumputhe.

-Izandla ziyagezana /Isandla sigeza ezinye

* Kuchaza ukuthi umuntu usiza abamsizayo

-Umuzi ngumuzi ngokuphanjukelwa

* Incazelo ithi Phatha kahle abantu emzini wakho ukuze bangawexwayi

– Imikhombe iyenanana

* Siza okusizile, ngoba umuntu usiza omsizile. Imikhombe yisipho senyama. Kanti noBhejane omhlophe phecelezi ‘white rhino’ ubizwa ngegama elifanayo.

-Imikhombe kayiphambane

* Uma ulindele ukusizwa , nawe siza abanye.

-Kuhlonishwana kabili

* Naso lesi sichaza ukuthi umuntu okusizile nawe maize, umuntu usiza omsizayo. Kubuye kuthiwe ‘Kulahlanwa kabili”

-Ithi ingaqhoba ithambo yejwayele

* Sichaza ukuthi umuntu akadeli lapho eke asizakala khona. Kususelwa enjeni ngoba nayo kayideli lapho ike yathola khona ithambo noma ukudla. Kubuye kuthiwe “ithi ingadla ithambo yejwayele”

-Ukupha ukuziphakela

* Ukupha umuntu ukuzisa wena ngoba naye ukuyopha mhla usuhlonga . Kubuye kuthiwe ‘ukupha ukuzibekela”

-Inkomo kayimithi ingaphindwanga

* Ake ungiphe futhi

– Ikhotha eyikhothayo

*Kususelwa ezinkomeni. Umuntu usiza lowo omsizayo.

-Isisu somhambi kasingakanani,singangenso yenyoni/Isisu somhambi kasiqedi lutho/Inkomo ehambayo kayiqedi tshani

* Zonke lezi zaga zisho into eyodwa , Isihambi saneliswa yilokho esikuphiwayo ngisho noma kungakuncane kangakanani

-Umlomo kaweyi /Isisu kaseyi

* Lokho isihambi esikuphiwayo sikwamukela ngombongo

-Ukuphana ukuzidumisa

* Umuntu owephanayo uba nogazi, aziwe

-Indoda kayihlatshwa ngomkhonto munye

* Ake ungiphe futhi, noma ungenzele lokhu oke wangenzela khona.

-Isisuso simnandi ngokuphinda

* Isisuso wuhlobo oluthize lokusina. Umuntu usuke ecela ukuba aphindwe into

-Ukwanda kwaliwa ngumthakathi

* Umuntu usuke ebonga

-Ungadinwa nangomuso

* Kusewukubonga

– Ukuzala ukuzelula amathambo

* Umuntu usuke ebonga okuhle akwenzelwa izingane zakhe, noma izingane zikaMfowabo, noma ezikaDadewabo ngoba phela kuseyizingane zakhe.

-Injadu yomhambi iyakhandlwa

* Injadu yishungu. Umuntu osohambwe funeka akulindele ukuhamba ecelwa ugwayi ngendlela

-Ukhwela phezu kwendlu njengenja

*Akananhlonipho, uyedelela

-Ubopha inja nezinkuni/Ubopha umthakathi nezinkuni

* Uyancishana

-Kukwanja yotha umlilo

* Kusemzini ongenabuntu lapho isihambi singanakwa khona. (Nenja iyotha khona ,kunomuntu) . Abantu abanomusa lapho nenja ivunyelwe yothe

-Lihleka lingaphethe, lithi lingaphatha lisiname

*Umuntu oncishanayo

-Inyathi iyaweya umuthi

* Umfokazana weya abantu abangaphezu kwakhe

-Usenga inkomo nenkonyane

* Unesimilo esibi ngakubantu besifazane

-Isigubhu esingenabuthumbu

*Ukuba nesimilo esibi

-Usende limba umgodi kwabo

*Unesimilo esibi

-Wuhlobo olungebekelwe nja

* Abantu ababi okungafanele bande

-Ikhiwane elihle ligcwala izibungu/Ikhiwane elihle ligcwala izimpethu/ Ikhiwane elibomvu libola indeni/Kuhle ngaphandle , indeni ibolile

* Ubukeka emuhle ngaphandle kanti unesimilo esibi. Ikhiwane liba lihle ngaphandle kanti ngaphakathi libolile. Ikhiwane isithelo sesihlahla soMkhiwane

#Khumu!

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo