IZAGA:Eziphathelene nobungane:

IZAGA:Eziphathelene nobungane:

 

-{Isaga}

*{Incazelo}


-Ugwayi nenhlaba

*Bezwana kakhulu abehlakani.

Kubuye kuthiwe “Amathe nolimi” noma “Umumba nedlelo”

-Akuhlanga lwalahlana lodwa

*Abantu baluhlanga lunye bayezwana baphuthane nasebubini

-Wudwendwe lolimi namathe

*Bayezwana abehlukani

-Imbilapho ivuna isilonda

*Kushiwo abantu abangabangane , abazwelanayo. Kususelwa esenzweni sembilapho sokuba buhlungu uma umuntu enesilonda

-Umutsha nethunga

*Bayezwana kakhulu ,abehlukani

-Ubucwibi obuhle buhamba ngabubili

*Kuhle ukuba nabangane abakuvusa lapho usuyokhalakathela emagebeni

-Ubucwibi bufa ngabubili

*Abantu abavame ukubonakala behamba ndawonye , nokubavelelayo okungekuhle kuvama ukubavelela sikhathi sinye

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo