Incazelo ngemithi yokuphalaza{eguqulayo}

Incazelo ngemithi yokuphalaza{eguqulayo}

 

-{Umuthi}

*{Incazelo}


Ziningi izizathu noma ngithi izinhloso zokuphalaza. Ezinye zazo ukuthandeka nokuba nogazi kubantu, ukwelapha isifo esithile esisemzimbeni esifana nedliso, ukuqeda amaphupho amabi, ukuqeda amashwa{ikhona imithi yakhona eqeda amashwa}, ukunqoba icala enkantolo, uma izinsizwa ziyokweshela ziyaye zivuke ekuseni ziphalaze, uma umuntu ephuma ekhaya eya edolobheni elithile eyofuna umsebenzi nakhona kubalulekile ukuba aphalaze ngaphambi kokuba ahambe, ziningi izizathu zokuphalaza. Ake ngichaze nje ngemithi embalwa esetshenziswa uma kuphalazwa, iningi lalemithi iyaguqula , kodwa eminye yayo ayiguquli . Imithi efana noVumakubangoma{omhlophe noma obomvu} , iNtolwane, uMaphipha , iBhubhubhu iguqula kakhulu kangangokuthi kuye kungabi nesidingo sokuthi uMphalazi afake umunwe. Kodwa-ke ikhona neminye-ke imithi engaziguquli izinhliziyo, leyo mithi iyaye ingene emithini yokuphalaza ngezizathu ezithile, ezinye zalezo zizathu ukulwa. Kukhona imithi elwayo kakhulu, leyo mithi kubalulekile ukuba ingene endukwini yokuphalaza kumnyama kubomvu. Emithini elwayo singabala uSehlulamanye , uSiphahluka, iKhathazo , uMabophe, iSibhaha kanye neminye . ISibhaha –ke sona asifakwa kakhulu ngoba phela singasuke sibabise iNduku igcine ingasaphuzeki. USehlulamanye ulwa kakhulu njengoba negama nalo lizichaza lithi u’Sehlulamany’amakhubalo’, iKhathazo liyasikhathaza isitha, uSiphahluka wenza isitha sigcine siphahlukile, sisho yonke imisebenzi yaso emibi esiyenza kulowo usuke ephalaze ngawo. Ake ngithinte nansi eminye yemithi yokuphalaza. Kubalulekile ukuthi uma umuntu ezophalaza aqale ngemithi ebomvu nokuyiyona mithi enamandla kakhulu , bese mhlawumbe emuva kwesonto elilodwa abe eselandela ngemithi emihlophe , noma ngithi agcine ngemithi emhlophe . Imithi efana noBhubhubhu nePhahla iyaye ingene nxazombili ngoba phela iphuzi ngokombala. Kodwa abantu ezinsukwini zamanje sebahlanganisa imithi , abasayingeni eyokuqala ngemithi ebomvu , sebevele bayixube nje . Imithi emandla kakhulu uyibona ngokubizwa ngamgama amaningi , njengoVumakubangoma omhlophe unamagama amaningi . La magama le mithi iwathola ezinyangeni ngenhloso nje yokudida ezinye izinyanga , isibonelo nje uVumakubangoma omhlophe kwezinye izindawo ubizwa ngeNkatha noma ngeSikhwili , uSiphahluka empeleni igama lawo langempela kuthiwa uQhume, leli elikaSiphahluka lavela ngaso isenzo sokuphahluka , kwezinye izindawo lo muthi ubizwa ngoMfazothethayo . UNukani wona ubuye ubizwe ngokuthi uMshipho wenkawu , noma uMsuzo wenkawu . Kusuke nje kuwukudidana nje.  Lapha emithini kukhona abaNgoma abakholelwa ekutheni leyo mithi iyimithi yeDlozi, bakholwa ukuthi uma umuntu ephalaza ngawo iziNyandezulu zakwabo ziyasondela kuye ngisho noma kuthiwa beseziqhele kangakanani . Leyo uVumakubangoma, uMadlozana , iNqayi , izimpande zoMhlonhlo{hhayi uMdolofiya}, iPhahla, iSiqunga, iNingizimu kanye neminye. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi umuntu lapho ethaka iNduku yakhe afake okungenani owodwa wayo lemithi.

Uhlana lwemithi yokuphalaza

 

-UMnyamathi

*Lo muthi ubuye waziwe ngokuthi uMathunzezintaba, amaxolo awo asetshenziswa ukuphalazela ukukhipha isigcwagcwasokudindwa ngabantu . Ukhonzwe kakhulu ngaBamnumzana ngoba wakha isithunzi. Lo muthi ubuye ungene nasemithini yokugezela ukukhipha amabhadi . Amacembe awo ayaye wonyiswe bese ebhenyiswa umuntu ogula ngekhanda . Izimpande zawo ziba yisichongco esiphuzelwa isisu esihlala siqumbile. Yiwona kanye lo muthi ovela ezibongweni zeNkosi u-Zwide uma kuthiwa ‘Emithini ngimfanisa nayiphi na? Ngimfanisa noMnyamathi’

-UVumakubangoma

*Ubulawu obuthandwa kakhulu iZangoma lobu. Kahle-hle lona umuthi weDlozi . Wakha ugazi nokuthandeka kumuntu osuke ephalaze ngawo . Uguqula ngendlela eyisimanga lo muthi kangangokuthi ngisho nephuma lawo liyayiguqula inhliziyo yomuntu ikakhulakazi uma usaphekwa . Uyahlanza impela umuntu ehlanziswa yiphunga nje lilodwa . Babili oVuma , kukhona obomvu, bese kuba khona nomnyama. Kusuke kushiwo wona lo muthi ezibongweni zeSilo u-Vezi uma kuthiwa ‘UVemvane lukaPhunga noMageba , ngibe ngiyaluthinta luyahwaqabala , lunjengoPhunga waseBulawini , lunjengoVumakubangoma’. UVuma bomvu ungena emithini ebomvu , bese omhlphe athakwe nemhlphe . UVuma ubuye uphalazele nobusoka.

-INingizimu

*Izimpande zalomuthi ziwuBulawu obukhulu beZangoma . Lo muthi uvula izinhlanhla kumuntu osuke ephalaze , athandwe yizwe lonke , kuvuleke izindlela zakhe . Abantu banenkolelo yokuthi lo muthi usundenza iDlozi kulowo osuke ephalaze ngawo . Endulo bekuthi nxa lobisile izulu iNgonyama esuke ibuse ngaleso sikhathi ikhiphe abantu batshathe amakhuba bayowumba lo muthi ezintabeni, bese bewobopha bawenze isithungo bayofaka esizibeni , bese izulu liyayithela-ke imvula.

-INgwavuma

*Umuthi obomvu oguqulayo lona , iNgwavuma ikhipha zonke izindenda amaphashini nasezibindini yenze umuntu athandeke ngoba phela izindenda ziyawabanga amabhadi . Igeza negazi , umuntu abe muhle ubuso bube bushelelezi . Usebenza umsebenzi ofaba nokaMaphipha .Ubuye uphuzisswe imfuyo ikakhulukazi izimbuzi , zinona zidabuke izimbuzi eziphuziswa iNgwavuma , uxutshwa neNtolwane

-INtolwane

*Umuthi oguqulayo nawo lona , uma usetshenziswa uyaye uhambe kakhulu neNgwavuma noMaphipha . INtolwane iphalazela ukukhipha inyongo, ukuqeda isidina , iqeda izinduna ebusweni bentombazane , yelapha nesifo senhliziyo kumuntu osuke ephalaze nagwo . Impupha yawo ifakwa edokweni elilula , lidliwe izingane kuze zingaphathwa yinyongo kalula, lelo dokwe akufanele lifakwe ushukela .

-UQhume

UQhume lubuye lwaziwe ngokuthi uMfazothethayo , noma uSiphahluka . Umuthi olwayo lona . Izimpande zawo ziwuBulawu obunegwebu eliningi obusichongo sabo sithelwa nasemakhaleni siphalazele ubusoka. Lobu Bulawu buyalwa nesitha siphahluke sisho izinto eziyimfihlo yaso.

-IPhahla

*INduku yalesi sihlahla endulo ibiphathwa ngabanumzane , ize ibuye iphathwe inkosana uma uYise esedlulile. Le nduku yakha isithunzi kubanumzane . Mina nginayo eyami engazigawulela yona . Ayidingi kuqiniswa . Uthi lwalomuthi kuphehlwa ngalo uBulawu . Umuthi ujulile kakhulu lona . Endulo izinswazi zawo bezigaxwa entayeni kulabo abasuke behlabane kakhulu. Ubusebenza njewoMyezane. Izimpande zalo muthi ziwuBulawu obuthandwa kakhulu yiZangoma , buvuselela yonke imizwa , buyachamisa bugeze igazi, bakhe nogazi .

Ake ngime lapho nina bakaSomnandi kaNdaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu!

Nansi eminye imithi yokuphala

 

-UMdubu

-ISiphephane

-INhlanhlemhlophe

-UVelabahleke

-uMadlozana

-UMzungulu

-UMganu

-IKhathazo

-UMaphipha . Ubomvu njengeNtolwane , iNkunzi lena ngizobuye ngichaze ngayo ngokuzayo

-ISiqunga

-IShobalehhashi

-IZaza

-UMngwenya

-USithundu

-UNhlizonkulu

-UVimbukhalo {Uyalwa nawo}

-UMbondo

-ISinwazi

-IShinga

-UDekane

-UMkhiwane

-IMpila

-INhlthe kanye neminye

#KHUMU!

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo