Incazelo ngemithi yamanxeba

Incazelo ngemithi yamanxeba

 

-{Umuthi}

*{Incazelo}


Nina bakaHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe ngu-Mantshonga benoGqelebana, iMbube shoba liyisilikithi . Lolu hlelo lwemithi engizolubhala lapha luyimithi , iningi luyimithi elapha amanxeba okulimala enyameni , nasemathanjeni , kanye nokwelapha izilonda eziziqhamukele nje ngaphandle kokulimala , mhlawumbe ezaqala njengezinduna. Kodwa kufuneka abeSilo bakhumbule ukuthi kukhona nezilonda ezidalwa wubuthakazi nonya lwabantu esiphila nabo ekuhlaleni . Abathakathi bayakwazi ukuthumela umuntu ngesilwane esibizwa ngokuthi yi-mvukuzane . Lesi silwanyana siyigundane elingaboni , umsebenzi waso wukuvukuza emhlabathini sense izindunduma . Kuleyo ndunduma ngisho noma ungemba ngempiki nefosholo kukancane kakhulu ukuthi usithole . Lezi zilwanyana zijwayele ukuhamba ngazimbili, zijwayele ukwemba uma kade lina, noma uma umhlaba usemanzi . Kuyenzeka ukuthi uzibone nje zingaphandle komhlaba , zasalungiselela ukwemba . Usuke enenhlanhla umuntu uma ethe wazibona zingaphezu komhlaba , inhlanhla engandele bani leyo . Abathakathi –ke bayakwazi ukusithumele lesi silwane enyameni yomuntu sifike sense njengoba senza emhlabathini, sigubhe-sisaghubhile enyameni yomuntu ikakhulukazi emlenzeni , kungaba sonyaweni , esithweni , eqakaleni noma edolweni . Uma umuntu eya koDokotela odokotela bayofika babambe umdlavuza kanti lutho yisilwane . Simugubhe –ke umuntu weNkosi mhlawumbe agcine enqanyulwe wona umlenze. Uma usunqanyuliwe –ke lo mthakashana wesilwane awuhambi nomlenze osuke uqanyuliwe , kepha ungene emlenzeni osaphila . Ijulile indaba yalesi silwane bakwethu . Ngakho-ke angisho ukuthi uhla lwalemithi engizoyibhala lana iyayixazulula inkinga yesilwane , qha . Engingakusho wukuthi uma umuntu enenkinga asola ukuthi mhlawumbe yisona lesi silwane engikhuluma ngaso makaphuthume aye eMasontweni asebenzisa iGama leNkosi u-Jesu ngoba linguMelaphi wezifo zonke , aye nakoDokotela . Yebo izinyanga nazo ziyakwazi ukuyixazulula le nkinga . Zinendlela yazo yokusicupha lesi silwane , kuthiwa zisicupha ngaso sona lesi silwane , ingakho-ke ziye zisithenge ngemali enhle uma kwenzekile kwatholakala umuntu ozethuke esezithola zingaphezu komhlaba , wabe esezibulala noma aziphathe zisaphila ayozidayisela izinyanga. Uhla lwemithi engizolubhala lapha wuhla olwelapha ikakhulukazi amanxeba angawokulimala , kanye nezilonda ezingaphakathi nangaphandle. Engingakusho wukuthi uma umuntu esola ukuthi uthunyelwe ngaso lesi silwane ngicela aphuthume ayofuna usizo ngendlela yakhe hhayi ngokwethembela kule mithi engizoyibhala ngezansi . Kahle-hle mina angisiyona iNyanga kepha ngiwumuntu nje owakhululiswa ngendlela yeSintu ingakho name ngibuye ngicoshe lapho nalaphayana

 

Uhla lwemithi epholisa amanxeba nezilonda

 

-INdodemnyama

*INdodemyama ibuye yaziwe ngokuthi yi-Mpishimpishi. Lomuthi izimpande zawo ziyaphalwa zishiswe zibe insizi ekhuhlwa iqholwe ezilondeni ezigubhekayo . Lo muthi abanye babuye bawuthake nimithi yokwakha isithunzi , bageze noma baphalaze ngawo . Ngicabanga ukuthi besengike ngayithinta eyokuthi kuyenzeka umuthi wenze imisebenzi eyahlukahlukene ube uwodwa .

-IBoza

*IBoza-ke iningi lethu silazi liwumuthi womkhuhlane , kodwa libuye lelaphe namanxeba. Kuye kusebenze amacembe , ayonyiswa bese eshiswa , afake ezilondeni nasamanxebeni . Kanti fuhi amacembe awo lo muthi ayaye abiliswe esemanzi abe yisiphungo nesichongco esichathwayo nesigeza umzimba nxa uluma naxa uqubukile, siqeda nezinduna ebusweni .

-UNsukuzimbili

*Lelikhambi lisebenza ezindaweni ezimbalwa . Liba isichongo sokuchathela izifo zebuba, nesiphungo sezilonda ezivakashele emaphashini, esiswini , esinyeni nase mathunjini , sinqanda nenkwantshu ehlasela umzimba wonke . Izimpande ziyaphekwa zibe imbiza ephuzwayo nechathayo yesisu esihlala sibuthaka.

-UMathunga

*Ngicabanga ukuthi izinsuku ezakhula zingcwenga ngenduku eMigangaleni ziwazi kahle uMathunga , sengingachazela labo abangazi . Isigaxa salomuthi siye sibiliswe sibe isichongco nesiphungo sezi dubulo zezingozi zokulimala okophela ngaphakathi emzimbeni , kungaba sekhanda noma emzimbeni . Bese umqotho osuyimpuphu ube umhlabelo ogcatshwayo ofakwa eduze nalapho kwephuke khona ithambo , ufakwe phakathi enxebeni ensinini yezinyo elibuhlungu uqede izinhlungu zezinyo. UMathunga ubuye ube wumuthi ochathela ubuhlungu beqolo .

-UMathanjana

*Umuthi wezinduna lo . Izimpande zalomuthi ziyaphekwa zibe wumuthi wohlanza igazi oqeda , izinduna nezilonda emzimbeni womuntu

-IShongwe

*IShongwe lelapha izifo eziningana esingabala kuzo iDilobhu , izifo ezichamisa igazi , umzimba omubi. IShongwe liyazelapha nezilonda . Izimpande zalomuthi ziyaphekwa zibe isichongco nesiphungo esilapha izinsumpa , izinduna , idilobhu , amaqakuva emzimbeni . Impuphu yeShongwe iyafakwa ezilondeni nxa ithakwe neMpila , yelapha izilonda ezidlikiza inyama , inqanda nephunga elibi lokuvunda

-UMnyankomo

*Isithombo salomuthi siye sibiliswe sibe isiphungo nesithobo sezifo ezidalwa ukulunywa ngo nonxa , ukutinyelwa izinyosi neminyovu nokunye . Kubuye kuphalazwe ngawo , ukhipha inyongo esesibindini nokuqanda isihudo segazi . Kanti endulo kwakubelethiswa ngawo lomuthi . kwakubilidwa amakhasi awo {amaxolo} bese kuphuza lowo osuke ezobeletha ukuze ingane isheshe iphume.  Kubuye kugezwe ngawo ikhanda elinezikwethu zibe seziyaphela nya

-UBandelwamandawe

*Lo muthi unamakha anuka kamnandi . Uma umuntu ephethwe yikhanda elinganqamuke uyaye abheme ukhuni noma uthi lwawo lo muthi bese liyanqamuka. Umqotho oyiphuphu uyaye ufakwe nasezilondeni ezigubhekayo bese ziyaphola.

-UGodide

*Izimpande zalomuthi zingumhlatshelo oqothwa qede ufakwe emnxebeni anhlobozonke , ziba wumuthi oncela ubomvu emaxabeni nasezilondeni ezibhibhayo , uye wenze inxeba lingabi nokuvunda

-IHlanyathi

*Amaxolo alomuthi aye agandelwe ukunameka amanxeba ezilonda zokushiswa umlilo , ancela amanzi nobomvu nokunqanda izinhlungu zomlilo . Abuye abiliswe ukuba isiphungo somuntu okhulelweyo nxashana umbhungu ungezwakali ukunyakaza  esiswini . Lo muthi uvusela amandla emizwa neyemithambo yonke yegazi .Ake ngime lapho okwanamuhla kodwa yona miingi impela imithi yamanxeba . Eminye yayo nansi ngezansi

 Nansi eminye imithi yamanxeba :

-ISiklenama

-USingalwesalukazi

-UGegane

-IMfuzane

-UMadolwana

-INgcotha

-UMthunduluka

-INyokiziphinda

-UGobho

-IMpila

-IThethe

-IDungamuzi

-UVumobomvu

-ISidletshana

-IBovu

-AMangwe

-AMangwe amhlophe

-ISinyambane

-UMvalasangweni

-IDangabane

-UVuthane

-INhlokoshiyane

*Miningi bakwethu kungashona iNhlokoshiyane ibuye yelaphe nezinduna kumantombazane ezidalwe yisichitho . Kodwa kufuneka uthole eseduze nendlela ukuze isebenze kahle , noma kungaba amamitha amathathu kusuka endleleni enkulu ehamba abantu abaningi . Kodwa ngizobuye ngichaze nagyo ngokuzayo

#Khumu!

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo