Incazelo ngemithi ethinta abesifazane nezingane

Incazelo ngemithi ethinta abesifazane nezingane

 

Nina beNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa umdlebe . Kololu hlelo lwemithi ngithinta imithi ewusizo kakhulu ezinganeni kanye nakubantu besifazane . Miningi –ke yona kodwa ngizothinta embadlwana nje kuphela

-{Umuthi}


*{Incazelo}

-INtolwane

*Lona wumuthi osebenza ezindaweni eziningana njengoba besengike ngasho ngaphambilini . Iningi liwazi ngokuthi uyaphalazisa ukhiphe eningi inyongo le. Kodwa lo muthi ubuye usebenze nasezinganeni . Impuphu yawo ifakwa edokweni lezingane zidle ekuseni uma zivuka, lelo dokwe zilidla lingafakiwe ushukela . Ikhula kahle kakhulu ingane ekhula idla iphalishi elifakwe iNtolwane , ayiphathwa kalula wukugula . INtolwane ibomvu ngokombala . Impuphu yeNtolwane abasifazane bayaye bafake ngasenkomeni kaBaba uma uma kuwukuthi isivuleke kakhulu , ixutshwa nempuphu yoMgugudu . Bathi iyancipha impela impahla kube sengathi eyentokazi esencane ,  esasebusheni bayo .

-IMpepho

*Iningi lethu lazi ukuthi iMpepho shiselwa amadlozi , kushinqiselwe ngayo uma kuzokhunywa namadlozi. IMpepho inephunga elinuka kamandi , ayishiswa wumuntu wesifazane . Isichongco seMpepho singumuthi ogeza abesifazane abasuke benephunga elingumsanka, abangathendeki. Ibuye isetshenziswe  kakhulu ngabantu besifazane uma beyogana esithenjini, abayishisi , kepha bayageza ngayo .

-IBhuma

*Umuthi owusizo kakhulu lona , izimpande ziye ziphekelwe ukufa kwendlu , ziye zibe isiphungo esiphuzwayo nesichongco esichathwayo , zithakwa nezimpande zeNgqaqabulani, ezoMthuma, ezeQwaningi nezoMzungulu. Ziye zibe wumuthi ovusela yonke imithambo yokuzala kwabesilisa nakwabesifazane . IBhuma libuye libe wumuthi omkhulu wokwelapha uMhluma . UMhluma isifo esiphatha abantu besifazane , kuba buhlungu laphaya ngezansi nasesinyeni , akhiphe amanzi anephunga elingelihle kangangokuthi ugcina eshiywe wuMkhwenyane wakhe uma engaluthuli usizo ngokushesha , noma agcine efile impela ngoba uyabulala uMhluma . Kuye kuthakwe izingxabu zalo iBhuma , ezeNsikane, uXhaphozi , kanye nodaka lweNkalankala , bese kuxutshwa noTalibho neMizi . Kubiliswa ndawonye kubekwe kube isichongco esiyisiphungo aphuze ogulayo, achathe ,kube uphelile uMhluma .

-ISiqunga

*Uma kukhona usana ekhaya olunenkinga yokungalali kahle ebusuku ngenxa yomoya ababi , kuye kuthathwe iSiqunga sihlafunwe uNina wayeyo ngane , ebese lokho akuhlafunile bese ekuphisela esiphongweni sengane athi ‘Hamba moya omubi’ . Ithula du ingane iqale ukulala kahle ebusuku. ISiqunga izimpande zaso zibuye zibe umuthi wouchatha abantwana abancane nxa bekhathazwa isikhathi , ziye zithakwe nobisi bese ziphosisa esiswini somntwana .Nxa ziphalaze abesifasane abancelisayo ziye zinikeze igazi amandla , zandise nobisi lube luningi. Zingumuthi odumaza izinhlungu ogeza igazi ulenze libe lihle , uvimba nezithunzi kubantwana .

-UMganu

*UMganu uyaphalaza ugeze uMkhwenyane noMakoti nxa bezongena enkundleni yokuchanguza. Amaxolo abayisiphungo nesichongco esichathwayo esiba umsongelo wesihudo segazi . Kanti futhi uma owesilisa echathe ngawo noMaphipha uqinisa isikhali sakhe usenze sisebenze kahle

-UMgugudu

*UMgugudu wumuthi okwakwakhiwa ngawo izitsha zokhuni , izinkezo, izingwembe , izigqiki , amathunga , izinxembe nokunye . Kanti amaxolo aphalazela ukukhipha izindenda esifubeni . Izimpande zona ziwumuthi wokuchathela iqolo elibuhlungu kwabesifazane nabesilisa , zivuselela imizwa , bathakasele ucansi . Impuphu yoMgugudu abasifazane bayaye banciphise ngayo impahla yabo.

-ICacane

*Wumuthi wesilumo lo. Isilumo inkinga abantu besifazane abaye bahlangabezane nayo uma beya efindweni, kodwa hhayi bonke . Izimpande zalo muthi uma zibilisiwe ziba umuthi ochathela inkathazo yesilumo esinamandla uma owesifazane eya efindweni noma ezoba sefindweni noma esefindweni .

-IHlamvu

*Isiphungo sawo sivusela imithambo nimizwa yokuzala. Siyachamisa , sikhipha amanzi ashisayo aba sesinyeni nasesizalweni , esibelethweni

-INhlokoshiyane

*Yelapha izinduna eziyisichitho entombazaneni , kodwa kufuneka uthole emile endleni

-ICubudwane

* Isigaxa siye sibiliswe sibe imbiza ephuziswa abantwana abazelweyo ukuphozisa isisu somntwana , nokwenza iNongwane isheshe ukuphola , wenz aingane ingabinawo umoya omningi esiswini , ithi noma kade idla ukubhodla kwenzeke kalula futhi ikhule kahle ngokunga hluphi

-UMpamaphuce

*Leli ikhambi eliqeda izintwala zengulube , isise segazi , namadliso . Lingumuthi ophalazayo nochathayo ngamanzi ashisayo noma afudumele. Izintwala zengulube zihlasela bonke ubulili kodwa ziqinisa kakhulu kwabesifane . Zihlala kuyo yonke indawo ezinwele. Ziluma kakhulu uma lowo muntu ephakathi kwabantu , uma eyadwa azimulumi. Kahle –hle izintwala zengulube ziyathunyelwa ngobuthakathi .

-UMthuma

*Izimpande zawo ziyaphekwa zibe imbiza yokugeqela inzalo, nokuqeda isifo esilibuba. Isichongco siyachatha sinekeza amandla emithanjeni yegazi nakuleyo yokuzala. Lo muthi ubuye ungene emithini ethakelwa ukwelapha uMhluma

#Khumu!

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo