Uhla lwemithi yoBusoka {yobusoka neyokwakha uthando}
Nina baka Zulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela, uDunjwa yedwa limkhandanise. Kulombhalo ngizothinta imithi eye isetshenziswe ekwakheni uthando , kanye nasebusokeni . Nxa nsizwa izophuma iyokweshela kubalulekile ukuba iqale ngokukhipha isidina , isigcwagcwa,nokunye nje okubi ngaphambi kokuba iphume ishiye isigodi sayo noma indawo yayo iphikelele lapho intombi inkanise ngakhona . Lezo zinto engizibalile izikhipha ngokuhlafuna, ngokuphalaza, nangokugeza , nangokukhotha nje odengezini. Akuvamisile ukuba izikhiphe ngokushunqisa .
Ake ngihlale amagqozo!!!!
-{Umuthi}
*{Incazelo}
-UBhubhubhu
*Ubulawu lobu ubuthandwa kakhulu izinsizwa uma zizoya koshela . Izinsizwa lomuthi aziwulibali mgisho nangephutha ukuwuthaka endukwini yazo . Lo muthi ubuye ukhonzwe kakahulu nayizangoma , izimpande zawo ziyaphalwa zibe yisichongo esiphehlwa ngothi lwePhahla kuphume eliningi igwebu leli , bese uyaphalazwa unqamule imihayizo kumaThwasa , ulethe nogazi nokuthandeka
-UVumakubangoma
*Lo muthi umsebenzi wawo uyefana nje nomsebenzi woBhubhubhu, nawo uVuma uphalaza izinsizwa uma ziya kweshela , kanti futhi ubuye uthandwe nayizangoma ngoba zikholelwa ekutheni lo muthi wakha ukuthandeka nogazi. Phela umuntu uma ezongenwa idlozi kuye kuphele ukuthandeka kuye , nabakwabo imbala baze bamexwaye , bangamthandisisi. Kodwa-ke uma eke waphalaza ngoVumakubangoma kuvele kuphele konke ukungathandeki kuye . Umuthi weDlozi lona oletha izinhlanhla eziyisimanga kumuntu , ingakho izinsizwa ezingamasoka ziwukhonzile , ngoba lo muthi ungumuthi wezinhla. Babili-ke oVuma , kukhona obomvu nomhlophe
-INhlanhla
*Njengoba negama nalo lizichaza , wumuthi wenhlanhla loma , zimbili iziNhlanhla, kukhona iNhlanhla eyejwayelekile bese kuba khona iNhlanhlemhlophe . Zombili lezinhlobo ziyathandwa kakhulu izinsizwa ezeshelayo . Impuphu yeNhlanhla izinswa ezeshelayo ziye ziyikhe ngeNtshengula , bese ziyancinda , bese zisho lokho ezifuna kwenzeke nxa zizobonana nentombi. Akuvamile ukuba kugeje. Lo muthi ubuye uphalazele ukwakha inhlanhla nje eyejwayelekile kumuntu , uxutshwa noMnyamathi ngoba wona ungowokwakha isithunzi .
-UMfanozacile
*Izimpande zalo muthi zenziwa umqotho oyimpuphu eyisikhafulo esiba yiphupho lokwakha uthando entombini , ziwukhonze kabi izinsiswa ezeshelayo
-UVendle
*Lo muthi usebenza ngendlela ethe phecelezi . Uma ithe yalithola awu kobe kuphelile . Izimpande zalomuthi ziyisiqomiso sezintombi , ebekuthi nxashana izintombi zesececeni ziphakelwe inyama kusuke enye yezinsizwa ikhathe ezandleni umqotho oyimpuphu yalomuthi iphathe ngawo inyama edliwa izintombi, bese izintombi zithamba zingabi nolaka nxa zeshelwa izinsizwa , zisheshe nokuziqoma , zingenqabi futhi nxa ziyolala kuzo.
-UMmwelela
*Isigaxa esiyimpande kulo muthi sisetshenziswa izinsizwa ezeshelini , ziye zibophele ngaso umuthi wephupho ukuze lingavinjwa umfula , kuthi isithunzi salo sibe namandla okufinyelela lapho liqondiswe khona . Ingakho nje abanye bethi ‘UMmwelela kweliphesheya , uMzacozikhomba emagwazana ‘
-UNginakile
*Insizwa ephalaza ngalo muthi ayaliwa zintombi zayo , ngisho noma ziyishumi akukho neyodwa eyoyala. Iyona eyoze iziyeke , izishalazele , bese zifunda kwezazo , zibone ukuthi azisathandwa . Phela ngokwesiko lesiZulu insizwa ayiyali intombi , akushiwo kumuntu wesifazane ukuthi ‘Angisakuthandi’ ngoba usuke umthelwa ngamashwa uma wenzenjalo . KwaZulu intombi ishaywa indiva , izitshwe nje ize izibonele ukuthi ayisathandwa . Lo muthi uwumuthi wobusoka . Izimpande zawo ziwubulawu begazi , umuthi ophalazayo okhaniba lwazo luba negwebu eliningi, luhlela kahle inyongo lukhiphe zonke izindenda , luqande izithunze ezimbi , luvimbe namaphupho amabi . Luyavika nalapho imbangi yensizwa igadla . Intombi yesoka eliphalaza ngalo muthi iba nothando oluphelekezelwa isikhwele esokeni layo , ihlezi nje ilinakile ngaso sonke isikhathi .
-UNukani
*Ize ungewona umuthi wobusoka kodwa uyangena impela uma kuthakwa induku yobusoka, uNukani uqeda uwumuthi uqeda uvalo . Nangaphandle kwasebusokeni uNukani ubuye ungene nasezithakweni eziphalazela ukuxosha amaphupho amabi , kanye nokwethuka izanya
-UNzukela
*Izimpande zalo muthi ziye ziqothwe zibe yisibambelelo esenza intombi ithambe ,ingabi nalo ulaka nxashana insizwa leyo iqomisa kuyo .
-UManaye
*Umuthi wokukhipha isidina nenhlanzo lona . Ngakho –ke nawo uyangena emithini yobusoka ngayo inhloso yokukhipha isidina .
-UVelangemoyeni
*Izimpande ziyisiqomiso sezintombi . Kuye kuthi nxa insizwa yeshela intombi ilume impande yalomuthi ikhulume nentombi isemlonyeniihambe ngasemoyeni yenzele ukuba leyo ntombi ukungenwa uthando lwayo
-USithundo
*Kuye kusebenze amaxolo alomuthi aphalazele ukukhipha izindenda nokugeza igazi , nokwakha isithunzi esithandekayo
Ake ngime lapho okwanamanje , angazi noma ngisazoyiqhuba yini,sengikhathele
Nansi eminye imithi engenayo uma kuthakwa induku yobusoka
-UMviyo
-USilephe
-UVelabahleke
-UMahelisaka
-UMzunywa
-IMbanjane
*IMbanjane izimpande zayo zinephunga elisamakha anuka kamnanjana , elingu mthwebulo oyisikhafulo sokwakha uthando . Ziyangena nakuzo zonke nje izinduku zobusoka. Zibuye zisebenze nasekuchatheni abantwana abancane nxasana behlushwa ububana esiswini . Zihlanganiswa nobisi uma zichatha aabantwana
#Khumu