USingalwesalukazi

USingalwesalukazi

Lona wumuthi owelapha izifo ezithi azibe ningana. Njengoba ngihlezi ngisho ukuthi kuyenzeka ukuthi umuthi wenze eminingi imisebenzi empilweni yomuntu ube uwodwa. NoSingalwesalukazi nalo-ke lunjalo . Abaningi balwazi njengoMbhemiso, umqotho walo ubhenyelwe inzululwane nekhanda elididizelayo. Yebo kunjalo . Kodwa lubuye lube wumuthi wokwelapha isifo sokuwa  ,kuye kusebenze amakhasi kulo muthi , ayabiliswa , abe yisiphungo sesifuba nesifo sokuwa. Uyangena futhi endukwini yokushunqisela umuntu onesifo sokudlikiza . Ubuye uchathe nabantwana abancane ukuphozisa esiswini. Lena kweBatswana izinsizwa zakhona ziyawufaka embizeni yokulola imbazo uma isibuthuntu.


Nanso isithombe sawo ngenhla
#Khumu!

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo