Incazelo ngoBulawu iNingizimu.

 

Nina abaka Klebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala!UNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye, ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe. UHlanya olusemehlweni amadoda, uNomakhwelo iNgonyama!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kuwo womane  omhlaba , kungumhla weshumi nesikhombisa kuMbasa{Ephreli} onyakeni ka 2023 . Ngethemba basaphila abeSilo. Cha, thina sisaphila kwaSokhumalo. Nina beQhawe lo muthi osesithombeni kuthiwa iNingizimu ngesiZulu, anginalo igama lawo lesiLungu. Lona wumuthi weDlozi, ungena eGobongweni elimhlophe  lokuhlambulula iDlozi. INingizimu ibuye ingene kwezenhlanhla njengoba ngihlezi ngisho ukuthi yonke imithi emhlophe yeDlozi iyangena kwezeNhlanhla nakwezoBusoka. Leyo mithi  uVumakubangoma omhlophe , uMadlozana, uMtholo , uQhume , iNhlanhlemhlophe , iNingizimu kanye neminye imithi yeDlozi .INingizimu iyathakwa eNdukwini emhlophe yokwakha iNhlanhla noGazi . Iyazivula izindlela , iyangena futhi nakwezokudonsa . INingizimu yenza umuntu athandwe yiDlozi ngendlela exakile , livele likhethe yena emndenini, licheme naye limthwale ngeQoma limuphe izinto. NaMasoka ayayisebenzisa iNingizimu, ayithaka emithini yawo yokweshela esingabala kuyo oFoshela , uMusa , uVumakubangoma omhlophe , uNgibonisele kanye neminye. Lobu tshani iNingizimu bubuye bube wumuthi wokunisa iZulu, izinyanga zaseNdulo zazibuthaka eNdukwini yokunisa iZulu manxa lomisile. Kuthiwa nabantu phaqa bekithi uma lomisile baphume baphikelele eNdle ezintabeni bayomba yona iNingizimu , bayibophe bayenze isithungo abayosifaka esizibeni. Kuthiwa ngemuva kwalowo mkhankaso beliyithela impela , bekungageji. KwiNingizimu kusebenza impande uma kuphalazwa.

Khumu!


Niphile nina abakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo , umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV “ uthole ulwazi oluthe thuthu ngaMakhathakhatha

INingizimu

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo