Incazelo ngesilwane iNyengelezi , Poecilogale albinucha

 

 

Nina abeNkwazi ka Ndaba emaphiko amhlophe iNkonyane encane kaNdaba edid’imibala, uZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu, uSihlangu simagqabha sinamanxeba! Enhla nasezansi ngiyababingelela bonke abeZulu eliphezulu. Ngethemba basaphila bonke abeNgonyama yakithi eNaleni.


INyengelezi:

Nina bakaBhusha ka Nayifi lesi silwane enisibona esithombeni sibizwa ngokuthi yiNyengelezi ngesiZulu. NgesiLungu kuthiwa yiPoecilogale albinucha, siwela emndeni wezilwane ezibizwa ngokuthi ama” African weasel” . Lesi isilwane esidume ngokuvele siphele nje emehlweni omuntu . Kuyenzeka usibone mhlawumbe sizicoshela ukudla phansi , uma usathi ubuka phansi ucosha itshe lokusishaya uzothi uma uthi uyabheka futhi lapho besikade sidla khona uthole ukuthi sesinyamalele , sesishaye utshani.  Mhlawumbe uthi usahlohla iSibhamu sezinyoni noma usandosa iSihlilingi sivele siphele emehlweni sinyamalale. Kwesinye isikhathi sinyamalale ususibulele impela , siphaphame sishaye utshani. Kanti futhi akulula ukuba usibone , kusuke kuwuCilo nje ozishaye endukwini. Ungaze usithole mhlawumbe ngokusishayisa ngeMoto . Siyabiza uma usidayisela abelaphi bendabuko. Ngoba amafutha aso awumuthi omkhulu . Njengoba abeSilo bebona , lesi silwane sithi asifani neQaqa , kanti sicishe silingane nalo kodwa sona singaphansi kwalo. Lesi yisilwane ongeke usithole ngokusizingela, ngeke usuke ekhaya uthi uyosizingela ngoba uyophuma iNqina ka Mabuyaze. Sitholakala ngenhlanhla. Ambalwa kakhulu amaPhisi asazi ngamehlo lesi silwane , agcina ngakho ukusibona ezithombeni. INyengelezi bathi izala ichwane libe linye vo, bathi iziphilisa ngokudla izintethe, amaQhwagi, amagundane, umuhlwa kanye nokunye .

Yenzani iNyengelezi ?

Amafutha eNyengelezi awumuthi omkhulu . Ayathakwa kwiZigqabo zokunyamala, imithini yokuvika amaPhoyhisa , kanye nasemithini yezitha. Umuntu osetshenzwe ngeNyengelezi angabonakala manje , kuthiwe sawubona Siphecelengwane, kodwa kuyothi sekufika labo abasuke bemfuna ikakhulukazi amaPhoyisa neZitha kuyothiwa ”uSiphecelengwane ubekade elana , ubekade elana” phinde abonwe futhi . Kwesinye isikhathi udlula nakwiZivimbamgwaqo ezisuke sitshalelwe yena impela , adlule impela kunjalo . Amafutha eNyengelezi aye athakwe nempande yeNtuma, ekaMpunyu, ekaDlulabehlezi, ekaMpikayiboni kanye nezinye izinduku, kuphume enye into engakaze ibonwe. Amfutha eNyengelezi ayangena nasemithini egomela iSibhamu. Ayangena futhi nakwezokudonsa imali. Ake ngime lapho nina bakaMashikizela shiye impi yakhe , iNdudumo yakithi eMgungundlovu.

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Baphile abakaMdayi sabela kwephesheya uZalukazi zosala eManxiweni amaXhegu ayosala eMizileni

INyengelezi

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo