Incazelo ngaMasethole\Siderroxylon inerme\uMqwashu\White milkwood.

 

Nina abakaSihlangu simagqabha sinamanxeba , uQasa lukaWASA inkomo esengwa yiViyo, uVava lwenkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu . Thina sisaphila eMantungweni.

Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uMasethole, ubizwa ngalelo gama ngoba wopha ubisi . Nginesiqiseko sokuthi iningi lethu liwazi njengomuthi wokulola uBhoko lweSisu. Impela kunjalo , izimpande zalo muthi ziwumuthi omkhulu wokulola iMbazo ka Mnumzana uma isithande ukuba buthuntu. Ziyakwazi ukusebenza zizodwa vo , zingaqhathwe naNduku. Ungazisebenzisa njengoQonsi , ngokuzigaya bese uzidla ekuseni ngobisi , wena owabona umuntu edla amaCornflakes. Noma uzidle ngomhluzi wenyama enganonile. Zibukhali impela kodwa ngeke zifike kuQonsi , noma uDlutshana\uDlutshani. Awukho uMvusankunzi ofana noQonsi , noma uDlutshana. AMasethole mahle uma eqhathwe nezinye . andisa kakhulu iSidoda kowesilisa.AMasethole ayangena nasemithini yeNzalo.  Njengayo yonke iMvusankunzi nawo aMasethole abuye achathe, aye athakwe neminye imithi yeMvusankunzi.

Okunye okwenziwa aMasethole:

Ngaphandle kolucija uBhoko lweSisu aMasethole abuye ebulale izilo ezisiswini , ahlanze igazi , avule yonke imithambo engasasebenzi kahle kumuntu . Lona wumuthi onikeza amandla. Izimpande nexolo kuwumuthi omuhle wedliso . Kuye kubiliswe sekuthakwe nemithi efana noNtonganazibomva kube yiSiphungo sokubulala iDliso esifubeni. Izimpande nexolo kuyangena ezinsini zokusangana kwengqondo . Impuphu yempande yaMasethole iwuMbhemiso omuhle odambisa ikhanda elinkenkethayo. Impande yaMasethole iyangena eNdukwini yokulungisa iDlozi eliphenduliwe. Iyaphalaza , iyagquma iyageza. Iyangena futhi nakwezokugeza aManzamnyama. Impande yaMasethole iyangena embizeni yokwelapha amanzi anephunga elingelihle kowesifazana. Iye iqhathwe kakhulu neLabatheka , uGobho, uNsukumbili kanye nezinye. Kuningi okwenziwa yilo muthi , uyangena nasemithini eyakha iZizwe zokubhula , ithakwa neGalukuni kugcatshelwe kumuntu osuke efuna ukuzakhela ubuNgoma. Impande iyangena futhi naseNdukwini ephalazela ukukhipha iDliso. Iyangena futhi nasezinsini zokuqina .


Khumu!!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “ Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngengxabu. AMasethole abizwa ngoMqwashu ngesiXhosa. Igama lawo leBotanical lithi Sideroxylon inerme. NgesiBhunu aMasethole abizwa ngeWitmelkhout, noma Melkhoutboom. NgesiNgisi abizwa ngeWhite Milkwood.

AMasethole

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo