Incazelo ngPhuphuma\Securidaca longipedunculata {uBulawu beDlozi}

 

Nina abeNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! USela lintongande lawo Baleka elithabathe umshiza lawetshatha liyakugalela ngawo eMankenganeni! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba ukuthi basaphila abeSilo . Cha , thina sisaphila kwaSokhumalo. Nina beMbube eshoba liyisikithi lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa yiPhuphuma ngesiZulu , umuthi omuhle weDlozi, umuthi omuhle wenhlanhla. Ngokolimi loSosayensi lo muthi kuthiwa yiSecuridaca longipedunculata. Lesi sihlahla siwela ngaphansi kwezihlahla ezibizwa ngama-Violet trees ngenxa yokuqhakaza izimbali zaso  ezinhle , esiqala ukuziqhakaza ngoMfumfu. NgesiVenda kuthiwa uMpesa. NgesiTswana kuthiwa uMmaba. NgesiBhunu kuthiwa Krinkhout, noma Rooipeultjie.

Lenzani iPhuphuma ?

IPhuphuma liwuBulawu obukhulu beDlozi . Lihle kakhulu ekuhlanganiseni izinhlangothi zamaDlozi , uhlangothi lwaseKhaya koMama kanye nolwaseKhaya koBaba, uMndawe noMndiki. IPhuphuma liyangena eMagongweni eDlozi, awokukhuphula nawokuhlambulula iDlozi. Kulo muthi kusebenza kakhulu iXolo, liyaphalaza . liyagquma liyageza futhi. Lihle kakhulu uma liqhathwe nePhakama lasoLwandle kanye nezinye izinduku. IPhuphuma lihle kakhulu ekwandiseni , njengoba negama nalo lizisho. Liyayandisa inhlanhla kumuntu olithake eNdukwini yakhe yenhlanhla yokuphalaza. Uba nenhlanhla kakhulu umuntu osebenzisa iPhuphuma , ingakho libuye lingene nakwezamaBhizinisi. Liyangena entelezini echela iBhizinisi, landisa abantu eBhizinisini . Liyangena naseZikweni leMfuyo , nakhona liyandisa. Lihle kakhulu kumuntu wesifazane onenkinga yokuchithekelwa yizisu. Kuye kubiliswe ixolo lePhuphuma , kwenziwe isiphungo esiyophuzwa umuntu wesifazane onenkinga yokuphushunyelwa izisu. Kuba kancane kakhulu ukuba aphinde achithekelwe isisu. Amacembe ePhuphuma , ixolo kanye nempande kuwumuthi omkhulu weMfiva , kuyaphekwa kuphuzwe, kuphinde kugqunywe nangakho. Ixolo kanye nempande yePhuphuma kuchathwa ngakho ingane ehlushwa yiNyoni. Kuningi okwenziwa yiPhuphuma . AmaSoka nawo alikhonze kabi kwazise vele imithi emhlophe yenhlanhla ayayithanda amaSoka. AmaSoka ayalithaka iPhuphuma eNdukwini yawo emhlophe yokuphalaza. Aliqhatha nePhophoma , uFoshela, uMusa, uVumakubangoma omhlophe , uBhubhubhu kanye neminye imithi emhlophe yenhlanhla. Ake ngime lapho nina bakaQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane!


Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi:

Niphile nina abakaMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo!

IPhuphuma

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo