Incazelo ngoBulawu iPhophoma \Monkey rope\Sacamone alpini

Nina bakaSomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo! UMagalela agase njengeNkosi yaMantshali ngoba egasele uZibhebhu kwaNdunu!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , kuwo womane amagumbi omhlaba , ngethemba basaphila abeSilo .

IPhophoma

IPhophoma wumuthi okhula uthandele isihlahla esikhulu njengoMzungulu, umehluko wukuthi uMzungulu kuyenzeka ngenye inkathi ugebele eweni njengoGebeleweni .IPhophoma liwuBulawu obuhle beDlozi ,ligena eGobongweni elimhlophe, likhonzwe kakhulu yiZangoma noThwasa. IPhophoma libizwa ngokuthi iMonkey rope ngesiLungu , ngesizathu sokuthi iZinkawu zibambelela kulona uma zidlala , zijahubhana phezu kwesihlahla eskhulu iPhophoma elisuke lizithandele. Libuye libizwe ngokuthi Sacamone alpini ngaso isiLungu. Liyaphalaza , liletha enkulu inhlanhla manxa umuntu ephalaze ngalo, iyaphophoma inhlanhla ,ichichime kumuntu osuke ephalaze ngalo. Kuphalazwa ngempande yePhophoma. Lingeminye yemithi engingafakaza ngayo , ngithi imandla kakhulu ekuvuleni izindlela ezivalekile. Lihle kakhulu nasemithini yezithunzi , lihle nasemithini yeSidina. Nakhona kuyaphalazwa ngalo . Lithi lapho liphehlwa ngothi lwePhahla likhiphe elikhulu igwebu , elihle futhi , elimhlophe qwaba . Lihle kakhulu uma uliqhathe neNingizimu, okungeminye yemithi emhlophe yeDlozi . Ungazithaka-ke nezinye izinduku ezimhlophe zeDlozi . IPhophoma lithandwa kakhulu ngamaSoka , alithaka eNdukwini yawo emhlophe yeNhlanhla, aliqhatha nemithi emhlophe  efana noVumakubangoma omhlophe , oVelabahleke, iNhlanhlemhlophe , uMusa kanye neminye . Impande kanye nezinduku zePhophoma zibuye zingene kwezokugquma nezokugeza , ziletha enkulu inhlanhla nokuthandeka kumuntu . Ake ngime lapho nina bakaZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! USodidase! Inkonyane encane ka Ndaba edide imibala!


Khumu!!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi ‘Kholo Khumalo TV’ uthole olunye ulwazi ngempande.

Monkey rope

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo