Incazelo ngoMsuzwane (Lippia javanica \Bokhukhwane)

 

Nina abeSela lintongande lawo Baleka lithabathe uMshiza lawetshatha liyakugalela ngawo eMankenganeni. INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo . Cha, thina sisaphila eMantungweni .

UMsuzwane

Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uMsuzwane ngolimi lwesiZulu. Ka se Tswana bare ke Bokhukhwane, kana ke Musukudu . NgeBotanical lo muthi ubizwa ngeLippia javanica .Kulo muthi kusebenza kakhulu amacembe. UMsuzwane waziwa kakhulu njengomuthi wemikhuhlane , kodwa ubuye ube yiNtelezi echela ikhaya ixoshe imimoya emibi. UMsuzwane unephunga elihle elinuka kamnandi elifana neleVicks. Muhle kakhulu kwiMikhuhlane . Uyakwazi ukusebenza uwodwa vo, uyagquma , uyachatha uphinde uphuzelwe ukwelapha umkhuhlane odala ukuqhuqha , ozwelisa amakhaza. Usebenza kakhulu kubantwana abasebancane . UMsuzwane uphinde ube muhle nasekugezeni izichitho , ikakhulukazi esezintwala zeNgulube. Uvamise ukweqhathwa noMvuthuza, uMavumbuka kanye nezinye iziNduku . UMsuzwane uphinde ube muhle kumuntu okhathazwa yiququ lokunuka kabi , ikakhulukazi elihamba nesichitho . Uyageza ,uphinde ugqume elapheke umuntu kulelo ququ. UMsuzwane uyangena kwezokukhipha amabhadi. Ubuye usetshenziswe ukususa umshopi, ukugeza abantu abekade beyofihla emathuneni noma abantu abaphuma emajele. Kuningi okwenziwa uMsuzwane. Intelezi enkulu lena. Iyakwazi ukuchela ikhaya ibolise yonke imithi yabathakathi iyodwa vo ingaqhathiwe, ixoshe nemimoya emibi. Uma umuntu ephethwe yikhanda uye ahogele amacambe oMsuzwane liphole nya ikhanda.


Khumu!!

Niphile nina abeNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila!! Thola olunye ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi “ Kholo Khumalo TV”

UMsuzwane

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo