Umlando ngeNdlovukazi yamaNgisi uKhwini Vitholi

 

Nina beSilo esithombeni yiNdlovukazi yamaNgisi uKhwini Vitholi , iNdlovukazi eyayihlukumeza abantu abampisholo eAfrika emiyekeni yama 1800. Le Ndlovukazi yazalelwa esigodlweni sikaYise iNkosi uEdwadi iKensington Palace. UKhwini Vitholi wayebahlukumeza okhokho bethu ezinze kwelaMaNgisi eNgilandi, wayebahlukumeza ngokusebenzisa izinsizwa zakhe ezifana noMalimade (uMelmoth Orsbone, okwaqanjwa ngaye idolobha laseMelmoth), uM‎lamlankunzi (uCecil John Rhodes wodumo lweRhodes must fall) ,uMashiqela (uCR Saunders iMantshi enkulu),uGwalagwala ( HF Fynn indodana kaFynn omunye wamaNgisi ayesikelwe indawo yokwakha eSibungulu eyisikelwa yiLembe kanti kuzothi uma sekubusa iNgonyama uJininindi indodana yakhe uHenry Francis Fynn iqale ihlukumeze abantu beLembe. Phela uGwalagwala lona nguye owahlomisa uMntwana uZibhebhu mhla eyocoboshisa ONdini). Amanye amaNgisi awenza kahle umsebenzi wokuhlukumeza isizwe esimpisholo yibo oSomtswewu laba, oJohn Dunn, oGeorge Southy nabanye.
UGeorge Southy nguyena owadubula wabulala iNgonyama yakwaXhosa uHinsa kaKhawuta ngo 1835. Ah! Zanzolo! OkaKhawuta wafela ukuthi wayechithe umyalelo wamaNgisi owawuthi makatshele isizwe sakhe ukuthi sibeke izikhali phansi ngenkathi uXhosa elwa naMaNgisi ezimpini ezaziwa ngokuthi ama Cape Frontier Wars ezaziqale ngonyaka ka1779 kwaze kwaba unyaka ka 1879. Ngemuva kokukhothama kweNgonyana uHinsa uXhosa wabuswa yiNgonyama uSarhili kaHinsa ‎. Aah! Ntaba!
Inhloso enkulu yeLembe ngenkathi lihlanganisa uZulu limenza isizwe esisodwa esinamandla kwakungoba laselizwile ukuthi amaNgisi abhizi abulala abantu abampisholo(amaXhosa) ngaphesheya kweNciba(Kei River). Phela uma isizwe sihlangene, sizwana, akubi lula ukuba isitha singene. Isitha singena kalula uma kukhona ukungezwani esizweni.Kukhona nesisho seZulu esithi ‘impethu ingena ngenxeba ‘ esichaza indlela isitha esingena ngayo emndeni noma esizweni.
UKhwini Vitholi wayezalwe ngo 1819, wabusa ngonyaka ka1837 eneminyaka engama 18 ngemuva kokukhothama kukaYise Omncane iNkosi uWilliam wesine owayethathe kuMjoji wesine uMjoji ethathe kuEdwadi . Encwadini ka Richard W Schosh ethi Queen Victoria and The Theatre of her Age ekhasini lama 23 umlobi ucacisa mayelana nokuhlonishwa kweLembe ngamaNgisi. Uthi amaNgisi ayelihlonipha iLembe kangangokuthi wonke amaPhumalimi ayethunyelwa ngamakhosi oMjoji noWilliam ayetshelwa ukuthi angalinge amthinte okaNdaba ngoba ayobe ethinte lukhulu. Ingakho phela amasotsha amaNgisi ahlasela kakhulu kwaXhosa ngesikhathi seLembe. Kuthiwa okaNdaba eNgilandi wayedume ngelithi’The Black Napoleon’. Namanje usahlonishwa impela eNgilandi okaNdaba ngoba kukhona ngisho nesichuse sakhe.
UKhwini Vitholi wagana uMntwana (Prince) Albert okwaqanjwa ngaye isibhedlela saseThekwini. Babusiswa ngezingane eziningi singabala kuzo o Edwadi wesine, Alfred, Arthur, Helena, Alice nabanye abaningi
UKhwini Vitholi kwaqanjwa ngaye iZimpophoma zaseVitholi ezweni laseZimbabwe kanye naseZambia, lezo Mpophoma zaziwa ngokuthi yiVictoria Falls. Okunye okwaqanjwa ngoKhwini Vitholi iDamu elikhulukazi iLake Victoria eTanzania. Le Nlovukazi yamaNgisi yake yabonana ngawe nyama neNgonyama uJininindi baze waxhawulana impela. Ezinye izinsizwa eyake yabonana nazo leNdlovukazi uLotshe kaHlabangana Mtshali kanye nensizwa yakwaNdiweni esengilibele igama layo. Bona-ke babethunywe yiSilo sakwaBulawayo uLobhengula kaMzilikazi kuVitholi wamaNgisi.
UKhwini Vitholi wakhothama ngonyaka ka 1901.
Ake ngime lapho nina beNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila

Queen Victoria


Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo