Incazelo ngeNhlonhlwane (INhlashwana, Cissus quadrangularis )

Nina bakaSingquma kakhulumi kanamlomo akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona lwaqeda umuzi ngokunkenkeza!!! Nina beSilo le Nduku angilazi igama layo , sakhula oBaba beyibiza ngeNtelezi. Ngithe uma ngibuza ekhasini leNdabuko Yakho kuFacebook izinsizwa ziphendule ngokuthi le Nduku ibizwa ngeNhlonhlwane , noma ngeNhlashwana. Le Nduku ikhula ithandele izihlahla ezinkulu, abantu abansundu bavamise ukuyitshala nasesibayeni ikhule ithandele uthango lwesibaya . INkunzimalanga yentelezi lena nina beSilo ingena ezindaweni eziningi . Ixosha imimoya emibi ekhaya, ivimba noMphezulu ukuba ungagadli ekhaya, iye itshalwe ezihlahleni ezisekhaya ikhule inyuke nazo , izithandele. Iyangena entelezini echela ikhaya , ixosha izikhova nazo zonke izinto zabakhunkuli.Yinhle kakhulu ekugezeni umuntu onesichitho , noma nhloboni yesichitho kuhlanganisa nesezintwala zeNgulube. Iyancinza uma ikuthinte esikhumbeni , ifana noNtonganazibomva kanye noMababaza. Uma uxakwe yisichitho thaka le Nduku neminye imithi yesichitho ,ugqume uphinde ugeze ngawo. Le Nduku iyangena nasezinsini zamalumbo. Lo muthi kuthiwa uvikela nemfuyo ukuba ingahlaselwa ubukhunkuli, futhi uyenza ithandane , ingehlukani futhi ingadubi ikhaya. Muhle impela emfuyweni ngoba ubuye uphuziswe nemfuyo uma ixakwe yizilo esiswini. Uyagoma futhi imfuyo , wenza imfuyo ihlale iphile qingqo , wenza imfuyo iqine ingaphathwa yizifo kalula. Muhle futhi nasemankonyaneni uma ehuda ehudiswa izilo noma ukwanda kobisi loNina. Muhle nasekwelapheni uMhluma , ungena ezimbizeni kanye nasezinsini zoMhluma.  Izimpande zale Nduku nina beSilo zinhle emanxebeni, zigeza amanxeba ashe qhu, zibuye zibe yiSiphungo esishisa amanxeba angaphakathi esinyeni , ezibindini, emaphashini njalo njalo . Zinhle kakhulu koMame. Inhle kakhulu le ntelezi nina beSilo kodwa ithathwa kancane.Umbulelo nelumbo akubekezeli la. Kule Nduku kusetshenziswa izinduku zayo . Ekucheleni iyakwazi ukusebenza iyodwa vo ixoshe yonke imisebenzi yabasokoco. KHUMU!!!
Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngezimpande …

INhlonhlwane

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo