Incazelo ngoMdoni (Syzyqium cordatum)

UMdoni

 

Nina abakaZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu, uFulathela uBombo lwabhidlika, uNtaba zimbili zakhalene zentula ngisho ukuxhawulana, iNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kungu mhla wesine kuNhlangulana (Juni) onyakeni ka 2023 . Ngethemba nisaphila nina beSilo. Cha, thina sisaphila kwaKhumalo . Nina beSilo lo muthi ngicabanga ukuthi siyawazi sonke ngoba uthe cithi saka emakhaya futhi izithelo zawo ziyadliwa. Ubizwa ngokuthi uMdoni , uthela izithelo ezibizwa ngeZindoni , bayazidla abafana ekwaluseni. Zimnandi , ikakhulukazi ezoMdoni woMfula noma ngithi omile ngaseMfuleni. UMdoni ubizwa ngeWater berry ngesiNgisi , kanti ngesiLungu soSosayensi kuthiwa yiSyzyqium cordatum. Ka se Sotho bare ke Mawuthoo. Ka se Pedi ke Motlho. NgesiVenda ubizwa ngeMutu. NgesiBhunu ubizwa ngeWaterbessie, noma Waterbessieboom, noma Waterhout. NgesiTsonga kuthiwa uMuhlwa.

Wenzani uMdoni?

Kusebenza ixolo kule Nduku. UMdoni ungena kakhulu  ezimbizeni zamadliso , kanye nezesifuba. Ixolo lo Mdoni lihle kakhulu nasesiswini esibuhlungu. Kukancane ukuba lisale ezimbizeni zamadliso , baye balithake kakhulu nemithi efana noMboziso . Liyasiza nasekuvuleni isifuba esingaphefumuli kahle, livula ukucinana.  Liyangena nasezimbizeni zezinduna, ezomzimba omubi onamathumba. Ixolo lo Mdoni liyangena naseMagongweni amhlophe okugeza idlozi . Liye liqhathwe nabo uVumakubangoma omhlophe , uMtholo , uMadlozana kanye neminye imithi. Liyangena futhi nakwekuchathela iqolo elingcolile. Liyangena nakwezoMvusankunzi kwazise lihle ekushiseni izilonda ngaphakathi esiswini. Liyangena nakwezokwelapha izifo zocansi , oDilobhu.  Ixolo lo Mdoni libuye libe yintelezi, liyangena kwezokuchela ikhaya ukuxosha imimoya emibi. Izithelo iziNdoni zinhle kahle ekuvuleni inhliziyo engakuthandi ukudla phecelezi engenayo i-apetite. Kuye kugqulwe izithelo bese umhluzi wazo uphuziswa isiguli esinenhliziyo ekungathandi ukudla , lo mhluzi uvula inhliziyo yesiguli , uyenze  ilangazelele ukudla. UMdoni isihlahla ezithandwa kakhulu zimamba, ngakho-ke kudingeka ukuba abantu baqaphele kakhulu uma bezowukha uMdoni.


Niphile nina beSinakanaka sezincwadi ebezibhalwa uMalimade kwabamhlophe abeLungu! Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi.

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo