Incazelo ngeShongwe (Xysmalobium undulatum)

 

IShongwe

Nina abakaMakhalima khande njengeZulu lona limakhalima limandindizela ! UKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni ngeyawoNdlela ka Sompisi ngeyawoDambuza ka Ntombela! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethema nisaphila nina beSilo , cha , thina sisaphila eMantungweni kungumhla wamashumi amabili nane kuNhlangulana (Juni) onyakeni ka 2023 . Nina beSilo le Nduku eniyibona esithombeni kuthiwa yiShongwe igama layo, ibuye yaziwe ngoHlakahla . Ka se Sotho bare ke Leshokoa . NgesiBhunu ibizwa  nge Bitterhoutwortel ,noma Melkbos. NgesiSayensi kuthiwa yi Xysmalobium undulatum. NgesiNgisi kuthiwa yi Milk Bush .

Linzani iShongwe)

Nina beMbube enamandla lo muthi ungena kakhulu kwezamanxeba , umuthi owelapha amanxeba nezilonda lona . Impuphu yempande yeShongwe isiza kakhulu ekwelapheni umzimba ogcwele izilonda , noma amathunjana. Umuntu uziphulula ngayo le mpuphu, aziqhole ngayo umzimba ikakhulukazi lapho okunezilonda khona, ziyoma nkwe izilonda. Impande yeShongwe kwenziwa ngayo imbiza yoMzimba omubi, umzimba ogcwele izinduna namathumba.Le mbiza  ibuye isize enkingeni yokuphathwa yisisu njalo, ishisa izilonda ngaphakathi , ibulale nezikelemu.  Isithelo seShongwe sihle kwiMibhemiso yekhanda elinkenkethayo. Impande yeShongwe iyangena nakwezokwelapha izifo zocansi, oDilobhu, iyangena futhi nakwezokwelapha izifo ezishobingisa igazi. Impande yeShongwe iyangena nakwezeMfiva. Impande yeShongwe iyaphuzwa iphinde iphalaze, iphinde ichathe futhi , iwumuthi wokwelapha isilonda , iyalilungisa neqolo, iyathakwa nakwezenzalo kanye nezoMvusankunzi. Imbiza yeShongwe ishobungisa kakhulu uma umuntu eyiphuzile. Yinhle nasekuhlambeni isibeletho


Khumu!

Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngemoande….

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo