Incazelo ngeNgobamakhosi (Olinia Ventosa)  

INgobamakhosi\Olinia ventosa

Nina abeSilo sakithi oSuthu uMphangela langa lingakaphumi kwaNdunu! Lithe liphuma laliphuma nezingazi zamadoda! Lazithatha izihlangu zikaMandlakazi! #uMamonga lowo!ISilo sakithi oSuthu.  Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo, ngethemba basaphila kuzo zonke izindawo lapho benkanise khona. Thina sisaphila kwaSokhumalo!

INgobamakhosi.

Nina beSilo lo muthi eniwubonayo kuthiwa yiNgobamakhosi ngesiZulu. Umuthi ukhulayo impela lona nina beSilo futhi oqinile. Endulo oKhokho bethu babewusebenzisa ekwakheni impahla yokhuni, iziNgqoko, iziGqiki, iziTsha zokhuni kanye nokunye. Kanti nanamuhla usasetshenziswa kuzona ezokhuni,kwakhiwa ngawo amaTafula(Coffee Tables) , amaBhentshi, iziHlalo kanye nokunye. Muhle impela okhunini futhi uqinile. Kanti iningi laboHlanga lona liwusebenzisa kwezeNdabuko, yiNtelezi enkulu lena nina beSilo engena ezindaweni eziningi , kanti iyangena nasemaGobongweni. Kusebenza ixolo kule Nduku. Liyangena kwezamacala , ligoba iMantshi ithambe njengoTamatisi uMsolwa azidlela umhlanganiso emini izwe libuka. Iyangena le Nduku kwezeZitha. Iyangena futhi nakwezokuchela iziNduku zokungcweka eMgangeleni. Liyangena ixolo le Ngobamakhosi eGobongweni elimhlophe. Libuye lingene kakhulu naseGobongweni elidliwa ngabantu abazikhandela Abalozi . Le Nduku ikhonzwe nangamaSok a, ayithaka eNdukwini yawo emhlophe, agoba ngayo intombi ithambe ibe uTatamatisi.INgobamakhosi ingena ezindaweni eziningi nina beSilo kodwa ake ngime lapho . INgobamakhosi ibizwa nge Olinia ventosa ngoLimi loSosayensi, kanti ngesiNgisi kuthiwa yiHard Pear .


Khumu!

Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV “ uthole olunye ulwazi. Niphile nina abeNgodla mkhonto yakithi oPhindweni, ithi yiwona onguMama yiwona onguBaba

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo