UHlunguhlungu lweNtaba (UHlunguhlungu olumhlophe)

UHlunguhlungu

Nina abeZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo! UThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana ngangezinyembezi! #ISilo uCetshwayo leso! Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo , cha , thina sisaphila eMantungweni .
*Nalo-le uHlunguhlungu lweNtaba nina beSilo , izimpande zalo ziwuBulawu obuhle beDlozi. Zingena eGobongweni elimhlophe lokulungisa iDlozi. Zixosha namaphupho amabi, zisondeze neDlozi zilenze liqale ukukhuluma uma beselithulile. Zicacisa amaphupho acace bha. Zihle kakhulu koThwasa , uma besaphehlwa ePhehlweni. Lo muthi uyashisa nina beSilo uyajulukisa , ujuluka ube manzi te uma uphalaza ngawo, ulungisa negazi , uqeda isidina , ukhipha izindenda okuyizona kanye ezibangela isidina kumuntu. Izindenda nina beSilo akufuneki zande kakhulu esifubeni. Zibangela ukungathandeki, zibangela amabhadi kanti futhi yizona kanye ezanza umuntu ukuba aphathwe yiFlu, yiMfiva. Akumele nje zande esifubeni. Izimpande zale Nduku zilungisa neSinye koMame , ziyasigeza.Ziye zibiliswe zenziwe iSiphungo esiphuzwa ngento elingene, iNgilazana nje encane. Zikhipha amanzi ashisayo eSinyeni, lesi Siphungo sihle kubantu besifazane abangamumathi. IziNduku kanye namacambe alo muthi kuye kugaywe kube yiMpuphu ebhenyelwa iKhanda elinkenkethayo, iyathimulisa le Mpuphu.
*Nina beSilo isithombe sale Nduku sisithathe kuMkhulu uAbednico Sandile Bhengu khona lapha kuFacebook. Siyabonga kakhulu Ngcolosi, Shongololo, Ngwane.
Niphile nina beSilo. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo