IGwalagwala (Purple crested turaco)


Nina abakaGuqabadele iNhlambamasoka! IGwalagwala likaMenzi elisuk”eNtumeni kwabhej”iNdulinde kwaya kwabhej”iShowe kwaze kwaya kwabhej”uLwandle noThukela!! UThambekeka wena owaliwayo uThambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi !! Ngethemba bayaphila abeZulu eliphezulu! Nalo-ke iGwalagwala nina beSilo , yiNyoni yoBukhosi lena nina beMbube. Le Nyoni selokhu kwathi nhlo ihloba ngaMakhosi abaNguni. Ngicabanga ukuthi nike nisibone iSilo sihlobe ngoPhaphe lwayo, noMntwana iMbabazane naye uyahloba ngayo , kakhulu futhi. Le Nyoni yayithandwa kakhulu yiSilo esesebuza , iSilo uMdlokombane , yisona Silo esasihloba ngayo kakhulu. AmaKhosi akwaNgwane nawo ayikhonzile le Nyoni kangangokuthi kuze kugcine kuhumusheka ngokuthi le Nyoni ingeyakhona kwaNgwane kanti qha. Nemali yabo bayibiza ngayo le Nyoni, uMsakazo wabo nawo bawubiza ngayo le Nyoni . Iyangena futhi ezithakazelweni zaMalangeni akwaDlamini kwazise vele yibona ababusa eSwazini, oSamketi sineMbovu kuMalangeni. Le Nyoni iyavela nasezibongweni zeSilo sasoNdini uma kuthiwa “ IGwalagwala likaMenzi elisuk”eNtumeni kwabhej”iNdulinde kwaya kwabhej”iShowe kwaze kwaya kwabhej”uLwandle noThukela!! Ngaphandle kokuhlobisa aMakhosi , iGwalagwala liyangena eZigqabweni zokuhlonishwa , lisetshenziswa kakhulu yiwona aMakhosi neZinduna. Liyangena futhi naseSibambelelweni. IGwalagwala liba noPhathina oyedwa , uma lowo Phathina efa , ngeke liphinde libe nomunye uMlingani futhi , liyoze life . Ngamanye amazwi iGwalagwala alihambi likhwelana namanye amaGwalagwala ahlukahlukene . Libeka amaqanda amabili noma amane, kulawo maqanda ichwane nechwane lisuke linoPhathana walo eliqondene naye. Lifana neJuba neNkankane. Ezinye izilwane eziba noPhathana oyedwa yiMbulu noXamu , nazo ziyangena kwiZibambelelo!
Khumu!!Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngeKhubalo.

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo