Incazelo ngoBulawu uMoyawezwe\Gebera piloselloides\Mothuntsetso

UMoyawezwe

Nina bakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amagawu abebesi! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! Enhla nasezansi  ngiyababingelela abeZulu eliphezulu, ngethemba basaphila abeSilo kuwumhlaka wamashumi amabili nanhlanu kuNdasa onyakeni ka 2023.. Cha, thina eMantungweni sisaphila. Lo muthi eniwubona esithombeni esingezansi uwuBulawu beDlozi, igama lawo uMoyawezwe. NgesiLungu kuthiwa iGebera piloselloides, leli igama lawo le Botanical name. NgesiBhunu ubizwa ngeSwarttee, noma Swartteebossie. NgesiPedi ubizwa ngokuthi iTsebe ea pela. NgesiSuthu kuthiwa ubizwa ngoMoarubesto, noma Mothuntsetso.

Wenzani uMoyazwe?

Lobu wuBulawu obuhle beDlozi , obungena naseMagobongweni. Kulo muthi kusebenza iNkashankasha yezimpande zawo eziphuzi ngokombala, eziyisixha. Lo muthi uyalibiza iDlozi , ulisondeze eduze. Ukhipha igwebu elikhulu lapho uphehlwa ngothi lwePhahla. Lelo gwebu libuye libe yiSikhafulo esihle , esithunywa noma ikuphi lapho umuntu afuna liye khona. Leli gwebu ungalithuma ukuba liyokulandela isithandwa sakho, ukuba likucelele okuthile eDlozini kuvuleke izindlela, ukuba livule inhlanhla njalo njalo. Liyafakwa nasemakhaleni , emehlweni ezindlebeni njalo njalo. Umuthi omuhle uMoyawezwe, ongena kwezimhlophe ezifana noVumakubangoma omhlophe , uNgqengendlela \uShobalehhashi, uMadlozana ,uBhubhubhu njalo njalo . NamaSoka ayawusebenzisa uMoyawezwe, awuthaka kwezimhlophe. Uvula enklulu inhlanhla. UMoyawezwe ukuwona uVungu lo moya. UMoyawezwe uyangena kwiZikhafulo, uyaphalaza , uyageza kanti ubuye ugqume , uye uthakwe nezinye izinduku ezivula izindlela. Lona wumuthi ovula izinhlanhla ezikade zavalwa. Uyangena eziGubhini zenhlanhla, uyangena eZibungeni zeBhizinisi, kanti uyangena afuthi nakwezamacala. Ubuye usebenze santelezi. IZangoma noThwasa nabo bawukhonze kabi,bayaphalaza ngawo,  wenza ukuba basheshe bathole umkhondo lapho bebhula. Uyangena naseMibhemisweni yabo , uthakwa nobuchopho beMpisi kanye neminye imithi.Phela iMpisi inhle kakhulu ekuhogeleni. Uyangena nasekwelapheni, uyangena ezimbizeni eziphuzwa abantu abahlushwa izinso, izibindi , isifuba njalo njalo. Uwumuthi omuhle wokuhlanza igazi.

Khumu!


Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande.

Niphile bakaMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni!

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo