Incazelo ngeNkanyezi yoLwandle (Sea Star \Starfish)

INkanyezi yoLwandle

Nina abeNdlovu emnyama yakithi oNdini , ethe imuka babeyixokozelela ! ISinakanaka sezincwadi ebezibhalwa uMalimade kwabamhlophe abeLungu! #ISilo sakithi oNdini leso , iSilo uCetshwayo ka Mpande . Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Cha, thina sisaphila eMantungweni .

Inkanyezi yoLwandle\ Sea Star

Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa iNkanyezi yoLwandle. Le Nduku itholaka oLwandle , ikakhulukazi olwaseDalagubha. Itholakala impela ekujuleni kwalo uLwandle .NgesiLungu ibizwa ngeSea Star noma ngeStarfish  . Thina siyithenga eFaradeyi …*Bayayisebenzisa-ke abeLaphi beNdabuko le Nduku. . Iye isebenze kahle uma isigaywe yaba yiMpuphu , uPowder..* Nina beSilo le Nduku ingenye yeziNduku ezihamba phambili kwezokudonsa . Ingena eZibungeni , yinhle kakhulu , idonsa ngendlela eyisimanga. Iyangena nasemithini ephalazela iNhlanhla, iye igiye kakhulu nemithi efana noNhlanhlemhlophe , Velabahleke , uVumakubangoma omhlophe , uBhubhubhu kanye nezinye iziNduku. Le Nduku ibuye isebenze kahle uma ishiswe njengeMpepho kwiBhizinisi , yashunqiswa ekuseni ngaphambi kokuba ulivule iBhizinisi.


Khumu!

Niphile nina beSilo . Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo