Incazelo ngoMphamephuce  ( Aspilia natalensis ) 

UMphamephuce

Nina abakaNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana! USihlangu simagqabha sinamanxeba! #ISilo uMdlokombane leso! INtulo ebande ngodonda kwaBhekuzulu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo . Cha, thina sisaphila eMantungweni . Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMphamephuce igama layo. Le Nduku isetshenziswa ezintweni ezinhle , iyasetshenziswa futhi nakwezimbi.

Wenzani uMphamephuce?

Nina beSilo le Nduku ayisali uma abakhunkuli bekhanda isichitho . Yiyona kanye le Nduku ehamba phambili uma kukhandwa isichitho sokwehlukanisa izithandani, yiyona kanye le Nduku ehamba phambi uma kukhandwa isichitho sokubalekisa imali esandleni somuntu. Ziningi izichitho ezikhandayo le Nduku. Kuningi okubi okwenziwa yileNduku. *Nina beSilo le Nduku ibuye ihambe phambili ekugezeni zonke izichitho. Ikakhulukazi isichitho sokungahlali kwemali ezandleni. Phela lesi sichitho abankukhuli basikhanda ngokuboleka imali ezisulwini zabo kanti leyo mali bazoyishaya ngesichitho , bayibuyise iseyiyona kanye leyo mali kodwa sebeyichele bayichela ngemithi yabo , mhlawumbe isize yangcola nokungcola. Okuyolandela lapho kuyoba inhlupheko enkulu kwiSisulu, le nhlupheko iyophelekezelwa ukungahlali kwemali kwiSisulu( kulowo osuke eboleke umkhunkuli). Kanti yona kanye futhi le Nduku ibuye ihambe phambili ekugezeni sona kanye leso sichitho sokubalekelwa yimali. Iyangena futhi nasemithini yokudonsa inhlanhla noma imali. Le Nduku iyangena emithini yokugeza amabhadi . Ihamba phambili kwezokukhipha isilwane. Le Nduku ithandwa kakhulu ngabantu besifazane abagane eSithenjini, bayisebenzisa ukwakha iNduku ebamba indoda ,ukuba ithande bona , ingawanaki amanye amaKhosikazi. Kusebenza izimpande kule Nduku. Zinhle kakhulu futhi nasekukhuphuleni iSithunywa . Zithakwa neminye imithi efana noMyezane woMfula , uMkhondwe, uXhaphozi kwenziwe iNduku yokuphalaza. Ake ngime lapho nina beZulu eliphezulu. Ngamafuphi, le Nduku , iyapha , iphinde ithathe futhi.*Engingakuphawula ngale Nduku wukuthi kubalulekile ukuba uhlale unempande yayo, ukuze uma bekade weboleke umuntu imali yakho , uma eseyibuyisile uthi ukuyichela nawe ngayo le Nduku ngaphambi kokuba uyisebenzise.  Le Nduku yinhle kakhulu nasekugezeni izintwala zeNgulube, iye ithakwe nezinye iziNduku ezifana noShisizwe , uMvuthuza kanye nezinye .Kugqunywe , kuphinde kugezwe ngayo.

Khumu!


Niphile nina beSilo. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo