Incazelo ngoMkhaya  ( Senegalia burkei  \Acacia burkei , Mokgwa )

UMkhaya

Nina abeSilo sakithi eMgungundlovu uMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo! UMashikizela ashiye iMpi yakhe , iNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! #ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyayibingela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo , cha , sisaphila thina eMantungweni . Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMkhaya igama layo . Inameva ahlaba kabuhlungu , abuya ngokuzolala. Le Nduku iyakhula impela nina beSilo ilingane nemithi efana noSakhayedwa(uMkhamba) , uMkhanyakude kanye nezinye.Kanti vele isemndeni owodwa nalezi zihlahla ezifana noMkhanyakude , iMinga , oSakhayedwa kanye nezinye. Lezi yizihlahla okuthiwa zithandwa kakhulu uMphezulu .  Umuthi woMkhaya kwakubiyelwa ngawo amasimu ngezikhathi zaseNdulo . NgoLimi lwesiBhunu uMkhaya ubizwa nge Swartapiesdoring. Ka se Tswana bare ke Mokgwa , kapa Mokoba . Ka se Sotho bare ke Mokwaripa. OSosayensi bawubiza nge Senegalia burkei , noma Acacia burkei … NgesiNgisi kuthiwa yi-Black Monkey Thorn .

Wenzani uMkhaya ?

Nina beSilo le Nduku inameva ahlaba kabuhlungu , lawo meva abantu bacupha ngawo umfazi oxegelwa yisimilo , ayingozi lawo meva , mabi kakhulu ekwakheni iLumbo locansi. Babuye bawathake futhi uma selilashwa lelo Lumbo. UMkhaya uthandwa kakhulu ukushaywa wuMphezulu , okumangazayo wukuthi ubuye uthakwe eNdukwini yokubethela izulu. Amacembe oMkhaya kuthiwa anoMsoco omkhulu ezilwaneni , ayazikhuluphalisa izinkomo. Athandwa nangezinye izilwane ezifana neziNyathi , iziNdlulamithi, iMikhombe , iziNyala , oNkonka kanye nezinye izilwane. Ixolo lo Mkhaya liye libiliswe , bese umhluzi walo uconsiselwa ehlweni elibuhlungu


Khumu!

Niphile nina beSilo. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi ‘Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe tghuthu

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo