Incazelo ngoKhalimele  ( Dumasia villosa )

UKhalimele …

Nina bakaMandasithebeni lo onjengeNsonyama uSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu!! INhlehlanyomvane ka Ndaba ehlehle futhi  ngoBulawayo ihlehlela izinkomo zamaSwazi! #ISilo sakithi kwaNodwengu leso.ISilo uMpande ka Senzangakhona . Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Cha , sisaphila thina eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uKhalimele igama layo , ngesiLungu kuthiwa i-Dumasia villosa **Lena kwelaseZimbabwe uma kukhulunywa ngoKhalimele kusuke kukhulunywa ngoNyongwana , umuthi wenyongo . Ngisazoke ngithole kahle ukuthi uKhalimele walapha eNingizimu Afrika bona bawubiza ngaliphi  igama .

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo le Nduku yinhle kabi ekususeni amathunzi amnyama , izilwane kanye nezichitho . Iyangena eNdukwini yokususa zonke lezo zinto engizibalile. Lo muthi uyaphalaza , uyageza futhi uyagquma . Abanye baze bawufake nasemakhaleni ukususa isidina . Le Nduku yinhle nasekukhipheni idliso . Amakhasi ale Nduku yiwona asebenza kakhulu. Amakhasi ale Nduku aye abiliswe abe yiSichongco eiphalazayo , sibuye silungise neSibeletho sikaMame osanda kubeletha. Lesi Sichongco sihle nasekulawuleni iFindo kowesiMame. Sihlanza nezinso sisuse wonke amagciwane ezinsweni aphile qingqo umuntu . Silungisa neqolo siligeqe sikhiphe wonke amatheketheke.Lesi Sichongco siyathelwa nasemakhaleni siqede ukusangana kwengqondo nobuhlungu bekhanda , kanye nokuthwetshulwa. Amakhasi ale Nduku ayathakwa eNdukwini ephalazela ukukhipha inyongo . Awayishiyi inyongo . Akhipha aze akhiphe naleyo eseyenabele nasezibindini. Amakhasi ale Nduku abuye wonyise bese eyagaywa abe impuphu enanyekwa emanxeni kanye nasezilondeni. Amakhasi ale Nduku ayangena nakwezoMhluma..


Khumu!!

Niphile nina beSilo . Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu ……..

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo