Incazelo ngoVuk’emalibeni ( uMalibeni )

UMalibeni

Nina abakaMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? Nina abakaSomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhaxa imilomo!UMgwazi kaqaqi uqaqelwa zinyoni zezulu! #ISilo sakithi oSuthu leso , iSilo uDinuzulu ka Cetshwayo . Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha, thina sisaphila eMantungweni.

Vuk’emalibeni ( uMalibeni )

Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uVukemalibeni igama layo , idume kakhulu ngelikaMalibeni. AmaLiba kushiwo amaThuna. Le Nduku angisazi isihlahla sayo , kodwa uma uyibuka ibukeka njengesithelo somuthi thizeni , noma inhlamvu yomuthi . Lesi sithelo noma le nhlamvu kwesinye isikhathi iba mnyama , kwesinye isikhathi iba mhlophe…Nina beSilo le Nduku iyinkunzi kwezokucupha ithuna , angiboni ukuthi izinyanga ezicupha amathuna ziyayishiya le Nduku lapho zithaka . Le Nduku isebenza kakhulu uma  lowo muntu osuke ethunwa kungumuntu oshone ngokubulawa, noma ngengozi. Le Nduku kuyakhulunywa nayo nina beSilo uma kucushwa ithuna, kutshelwe lowo muntu ukuthi makavuke ayozilwela kulaba abambulele. Imandla kakhulu le Nduku kuleyo ndawo. Le Nduku ibuye isebenze njengePhakama , iyayivusa imithi iyiphe amandla . Iyangena futhi nakwezokudonsa imali kwiBhizinisi .Ngisho kuthiwa beseliwile iBhizinisi ngale Nduku  liyavuka lime qingqo. Kuthiwa le Nduku akufanele udlule nayo ngasemathuneni uyifumbethe ngesandla , ngoba abantu abashonile bazovuka bakulandele. Le Nduku yinhle kakhulu ekuvuseni izinto , yinhle nasekubuyiseni umqonqo womuntu othwetshuliwe, iyangena eNdukwini yokwelapha umuntu othwetshuliwe. Kuningi okwenziwa yile Nduku..


Khumu!!

Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo