Incazelo ngoMziwa  ( Euphorbia hirtia, Asthma Plant)

UMziwa, Asthma Plant

Nina abakaMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela iNkundla yakwaBulawayo! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyofuka uMdlebe! INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga!!…Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo . *** Nina beSilo lolu Khula elibona esithombeni lubizwa ngokuthi uMziwa. Lungumuthi omkhulu wokwehlisa amandla esifo seSifuba somoya phecelezi Asthma . IAsthma isifo esicinanisa isifuba , umuntu angabe esakwazi ukuphefumula. Nina beSilo ngokusho koDokotela kuthiwa iAsthma kayelapheki kepha iyalawuleka , ikhona imithi ekwaziyo ukuyidambisa amandla njengalo lolu Khula olwaziwa ngeleAsthma plant . Kuye kusebenze amakhasi alo , aye abiliswe abe yiSiphungo esiphungelwa ukwehlisa amandla eAsthma . Lolu Khula lubuye lwaziwe ngele Euphorbia hirtia ngoLimi loSosayeni. Amakhasi alo kubuye kwezinye ngawo iTiye elaziwa ngokuthi yi- Euphorbia hirtia Tea , okuyiTiye eliphuzwa ngabantu abaphethwe yisifo seAsthma. Amakhasi abuye wonyise bese ayagaywa , kwezinye iMpuphu enanyekwa emanxebeni , ezilondeni kanye nasezindaweni ezidumbile. Le Mpuphu ibuye ithelwe emanzini ashisayo kuphuze umuntu ophila nesifo seAsthma. Enye indlela yokulawula isifo seSifuba somoya eyokuzifutha emlonyeni ngeSifutho (Spray) esenzelwa yona i-Asthma. Umuntu ophethwe yiSifuba somoya uhamba esiphethe leso Sifutho, akasishiyi. Uye azifuthe ngaso uma esezwa izimpawu zokugaxa kweAsthma, izimpanwu ezifana nokungakwazi ukuphefumula kahle..

Khumu!!

Niphile nina beSilo
Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu.


 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo