Incazelo ngeSigobo

ISigobo

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! UDlondlwane luya luhlezi luya ludlondlobele, luyadla lubeka iSihlangu emadolweni! #ISilo sakithi KwaDukuza leso ! ISilo uShaka ka Senzangakhona. Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu, ngethemba isaphila iNgabade. Cha, thina sisaphila kwaSokhumalo…Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa yi-Sigobo igama layo . Ingena ezindaweni eziningana.

Senzani iSigobo?

Nina beSilo miningi imisebenzi eyenziwa yileNduku iSigobo. ISigobo siyangena ezihlanzini ezimhlophe , siwuBulawu obuhle beDlozi …Kule Nudku kusebenza izingxabu zayo… Iyangena le Nduku eMagobongweni , iyaligeza iDlozi libe lihle . Iyangena naseNdukwini edliwa uma kugezwa aManzamnyama. Le Nduku yinhle kakhulu ekuvikeleni uSwana emimoyeni emibi . Onina baye baququde ingxabu  yayo bayikhwifele esiphongweni soSwana uma bezothatha uhambo , noma uma ngabe  bekuyibona abebekade bephumile baya ebantwini. Abanye baze bayigaxe entanyeni yeNgane , noma bayigaxe entanyeni yabo njengoMgexo ukuze ibasebenzele uma uSwana seluhlaselwa omoya ababi .. Le Nduku iSigobo ibuye ingene nakwezeNzalo ikakhulukazi eyabesifazane. Izimpande zaleNduku ziye zibiliswe zibe yiSiphungo sokugeqa abesifazane abangabatholi abantwana , lezi zimpande zimandla kakhulu uma seziqhathwe nemithi efana neBhuma , uShisizwe kanye nezinye iziNduku. Izingxabu zale Nduku zibuye zishiswe zibe yinsizi emnyama ekhothelwa ukudambisa inhlungu yeSilumo koMame , kanti le nsizi ibuye ibe yisibiba nesihlungu sezinyoka. Iyakhothwa . Izingxabu zale Nduku ziyangena eMbizeni yokuhlanza igazi , zivula nayo yonke imithambo yegazi evalekile kusukela kweyamaphaphu kwehla kuya ngezansi kweye mizwa yocansi .Izingxabu zale Nduku ziyathakwa naseNdukwini yokuphalazela iNhlanhla .


Khumu!!

Niphile nina beSilo . Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo