Umlando ngenkosi uMeseni ka Musi yaseMthandeni

Inkosi uMeseni kanye noMntwana uNdlovu

Nina abeSilo sakithi oSuthu uMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? UMkhumbi gudluka sibone aMamgumgedlela! USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo! #ISilo uDinuzulu leso! ISilo sakithi oSuthu . Nina beSilo ake sibheke umlando ngenkosi uMeseni yaseMthandeni  eyabe ibusa abantu  bakwaQwabe ngaseMthandeni , kwaMaphumulo ngesikhathi sobusa kweSilo uDinuzulu ……… Kahle -hle uMthandeni kwabe kungumuzi wenkosi uQwabe ka Malandela , eyawakha ngasoNgoye ngemuva kokuduba kwayo ikhaya . Kuthiwa ngemuva kokukhothama kwenkosi uQwabe amakhosi akwaQwabe aqhubeka ngokuqamba izigodlo zawo ngoMthandeni ……

Inkosi uMeseni ka Musi .

Inkosi uMeseni yayibusa abantu bakwaQwabe ngesikhathi sokubusa kweSilo uDinuzulu KwaZulu. Yayibongwa ngokuthi “IyiNkunzi yakithi eMthandeni abayithinte maqede yahwaqabala! Yafana nezulu ebelifun’ukuduma! USikhakha umathombuluka! Mame ubhince kanjani? Ubhince watembisa ! ISinyakanyaka insimu abayivune ngezinduku , ngingakaze ngiyibone insimu ivunwa ngezinduku”…….Ngesikhathi sokubusa kweLembe abantu bakwaQwabe babezinze ngaphansi kwezintaba zasoNgoye , eduze nomfula uMhlathuze . Ngaleso sikhathi babebusa yinkosi yabo uPhakathwayo ka Khondlo .Inkosi uPhakathwayo yaba ngenye yamakhosi anqotshwa yiLembe , iSilo uShaka , esabe simatasa sihlanganisa izizwe ukuba zibe yisizwe esisodwa esinguZulu.        Kuthiwa inkosi uPhakathwayo yathi uma ithola umbiko owawuthi iMpi yayo igobe uphondo , kuthiwa yamelwa inhliziyo, yagcina ikhotheme . Kwathi lapho isikhotheme inkosi uPhakathwayo kwaba khona enye ingxenye eyaphikelela kwaMaphumulo yafika yankanisa lapho osekuseMthandeni khona namuhla. Kuthiwa leyo ngxenye yabe iholwa nguGodolozi ka Khondlo , umnawabo wenkosi uPhakathwayo ka Khondlo owabe ezalwa uNdlunkulu wenkosi uKhondlo uPhobo wakwaNcwane. Inkosi uGodolozi yazala inkosi uMusi  eyabusa abantu bakwaQwabe ngakwaMaphulo , ngemuva kokukhothama kwenkosi uGodolozi. Inkosi uMusi yazala inkosi uMeseni owaba ngelinye lamaqhawe eMpi yamakhanda. Impi yaMakhanda yalwa ngowe 1906 , kubusa iSilo uDinuzulu . Le Mpi kuthiwa yalwa ngobushokobezi, kuthiwa yayingaphakiwe yiSilo uDinuzulu kepha yayiphakwe izinsizwa zakwaZulu ezasezikhathele ukuhlunyezwa ngamaNgisi ezikhokhisa intela yaMakhanda , ethi indoda nendoda mayikhokhe imali enguPondo . Le Mpi yayibuye yaziwe ngokuthi yiMpi kaBambatha .UBhambatha wabe eyinkosi yakwaZondi , wabe engomunye wabaholi baliMpi.. Abanye abaholi kwakungoMangathi ka Godide Ntuli , uChakijana Sithole , kanye nenkosi uMehlokazulu  ka Sihayo Ngobese .UZulu wagcina elugobile uphondo kule Mpi.Ukugoba uphondo kukaZulu kwalandelwa ukuboshwa kweSilo uDinuzulu kanye noNdunankulu waso uMankulumana Ndwandwe . Nenkosi uMeseni nayo yaboshwa , iboshwa kanye noMzawayo uMntwana uNdlovu ka Thimuni Zulu , bethweswa amacala okuvukela uMbuso …. Badingiselwa eSiqhingini iSt Helena , eKapa . Kwathi ngonyaka ka 1909 abeLungu amaNgisi namaBhunu  bamemezela ukuba ngowe 1910  babezodala uHulumeni weNyunyana yaseAfri  okwabe kuyiZifundazwe ezine , amaKoloni amabili amaNgisi iNatal neCape Colony , kanye neTransvaal ne Orange Freestate , iZifundazwe zamaBhunu. AbeLungu bamemezela nokuthi zonke iziboshwa ezaziboshelwe amacala obushokubezi kubalwa nayo inkosi uMeseni noMntwana uNdlovu babezokhululwa ngawo owezi 1909 ngaphambi kokuba kudalwe uHulumeni weNyunyana ngowe 1910. Ngempela bagcina bekhululiwe kodwa inkululeko yenkosi uMeseni yaba nemibandela eyayithi yayizobuye idingiselwe eXobho ingavunyelwa ukuya esizweni sayo eMthandeni . Yagcina ikhothamele khona eXobho ngowe 1915, yatshalwa khona eXobho . IZikhulu zeSizwe saseMthandeni zagcina zihlangene , zacela imvume kumaNgisi , imvume yokulandwa kwamathambo enkosi uMeseni eXobho ukuze azotshalwa kahle ngesizotha eMthandeni. Ngempela avuma amaNgisi , alandwa amathambo enkosi uMeseni azotshalwa eMthandeni . Owalandela inkosi uMeseni kwaba yindodana yayo uMtshingwa owagcotshwa ngowe 1916……


Khumu!!

Niphile nina beSilo . Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olwazi oluthe thuthu , uphinde uthole ulwazi ngaMakhambi esintu…….

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo