Incazelo ngoMfanozacile    (  Kohautia amatymbica )

UMfanozacile …

Nina abeSilo sakithi KwaDukuza uKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! Intethe egolwe nganti zamkhonto kithi kwaMalandela !#ISilo sakithi KwaDukuza leso ! ISilo uShaka ka Senzangakhona . Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila ebeZulu eliphezulu . Cha, thina sisaphila eMantungweni………………..Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMfanozacile igama layo . Nina beMbube le Nduku isemndenini owodwa noFoshela …umndeni wezimila ezaziwa nge  RUBIACEAE..  Le Nduku yaziwa ngokuthi yi- Kohautia amatymbica ngeBotanical name.  Ka se Sotho bare ke Lehlokana , kapa Mohlatsisa, kapa Mongoakoane,  kapa Morokolo-poli. NgesiNgisi kuthiwa  Tremble Tops…………

Yenzani le Nduku ?

Nina beSilo le Nduku yinhle kakhulu kwezothando , ayikhonzile amaSoka. Le Nduku iyangena eSikhafulweni sothando , sokuthambisa intombi enolaka . Iye ithakwe neminye imithi nokho , imithi efana noNginakile , oNzukela , oFoshela , oMlomomnandi kanye neminye imithi . Le Nduku iyangena naseNdukwini yokubuyisa isithandwa , kungaba yiSoka noma kube yiNtombi. Iyangena futhi le Nduku nasemithini yokulanda . Ekulandeni iye igiye nabangane bayo abafana noMwelela , oMphamephuce , oMzaneno kanye nezinye iziNduku. AmaSoka ayayithaka naseNdukwini emhlophe yenhlanhla , okuyiNduku yokuphalaza ethake imithi efana noMusa, oNhlanhlemhlophe, oBhubhubhu, oNginakile kanye nezinye iziNduku .


Khumu!!

Niphile nina beSilo ….Vakshela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu…..

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo