Incazelo ngeMfingo   ( Stangeria eriopus )

IMFINGO

Nina abakaSingquma kakhulumi kanamlomo akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona olwaqeda umuzi ngokunkenkeza! INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! #ISilo uDingane leso , iSilo sakithi eMgungundlovu.. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo , cha thina sisaphila eMntungweni . Nina beSilo  le Nduku eniyibona esithombeni kuthiwa iMfingo igama layo . Ibizwa ngeMfingo ngoba iyintelezi etshalwa ekhaya , etshalelwa ukufinga abathakathi. “Ukufinga kusho ukuqeda amandla”… Le Nduku abaningi bayiphambanisa neSiqgiki soMkhovu kodwa ayisona iSigqiki soMkhovu le Nduku. Futhi ayiweli emndenini wezihlahla ezibizwa ngama-Fern ngesiLungu, okuyizihlahla ezibandakanya sona iSigqiki soMkhovu, iSikhomakhoma sentaba kanye nezinye. IMfingo yona ibizwa nge Stangeria eriopus ngoLimi loSosayensi phecelezi iBotanical name..  AmaNgisi ayibiza nge Stanger`s cycad.  AmaBhunu ayibizwa ngokuthi yi-  Bobbejaankos. Kanti ngesiXhosa ibizwa ngoMfingwani\e…

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo iMfingo iyintelezi evikela ikhaya,  iyatshalwa ekhaya njengaso iSigqiki soMkhovu , itshalelwe ukuvikela ikhaya kwizitha ezifana nabathakathi. Abathakathi abayifuni le Nduku , bayayenyanya. Abafuni itshalwe ekhaya, ngoba iyabaphazamisa.  Isithelo sale Nduku kanye nengxabu yayo kuyangena eNdukwini echela ikhaya , echelela ukuxosha abathakathi kanye nokulivikela kwimimoya emibi. Impande yale Nduku ethakwe namafutha eGalukuni  iye ishiswe kushunqiselwe ikhaya uma sekugotshwa izinkophe , ukuze kungabikho mkhunkuli oyongena . Le Nduku iyangena emithini yokugeza amabhadi kanye nenkinga yokweganywa izithunzi ezimbi , iyangena futhi nakwezokhipha isilwane. Isigaxa esiyimpande sale Nduku eNdulo babesidla oKhokho bethu , babesomisa bese bayasigaya sibe umcaba owawudliwa ngamasi . Imbewu yale Nduku yinhle ekwelapheni isifuba esibuhlungu kanye nokuxegisa idliso . Siye sibiliswe lesi sigaxa , kwenziwe iSiphungo sesifuba esibuhlungu. Amacembe ale Nduku kwenziwa ngawo uKotini.


Khumu!!

Niphile nina beNgodlamkhonto yakithi oPhindweni. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe xaxa..

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo