Incazelo ngoMebuzo weNyoka   (Snake ecdysis\Snake shed)

UMebuzo weNyoka .

Nina beMamba yeVuna eyathi ukuvuka yadla abakaYise , iBululu likaPhunga noMageba eladond aukusuka kwaze kwasuka awezindlwana! #ISilo sakithi oNdini leso, iSilo uCetshwayo ka Mpande .Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu.. Lo shuni eniwubonayo ubizwa ngokuthi uMebuzo weNyoka ngesiZulu . Isikhunjana seNyoka esihluba uma izokhula .Phela njalo uma inyoka ikhula ngomzimba iye yebuze , kuye kusuke isikhunjana sayo esiphezu kwesikhumba sangempela .*Abantu baseAsia ikakhulukazi kwelaseJapan bakholelwa ekutheni uma bethola ngenyoka yebuza lokho kusuke kusho inhlanhla enkulu , noma kusuke kuwuphawu olubika ngobuhle bekusasa labo. Kodwa vele akukho lula ukuthola inyoka yebuza.Isikhathi esiningi nje siye sithole uMebuzo wayo iNyoka ehlathini , yona uqobo isuke ingasekho kuleyo ndawo. Zonke izinyoka ziyebuza, ngisho neNhlwathi imbala. Abantu abasundu bayawusebenzisa uMebuzo weNyoka , ikakhulukazi abantu abangaBelaphi beNdabuko.

Wenzani uMebuzo weNyoka ?

Nina beSilo uMebuzo weNyoka muhle kakhulu kwiMibhulelo nakuMalumbo . Uyangena ezinsizini zeMibhulelo naMalumbo . Muhle futhi nasekuguquleni isikhumba esingesihle , isikhumba esashaywa ngeSichitho . Muhle nakwiSichitho seziNduna. UMebuzo weNyoka bayawuthaka futhi uma becupha umuntu wesifazana noma uma bakha iLumbo lenyoka . UMebuzo weNyoka ubizwa ngeSnake shed ngesiLungu , noma Snake ecdysis…..


Khumu!!

Niphile nina beSilo . Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu ..

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo