Incazelo ngoHlabazihlangane

UHlabazihlangane

Nina abakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu! UTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane! UNowelamuva wawoShaka uZalukazi zosola emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba isaphila……*Le Nduku eniyibonayo kuthiwa uHlabazihlangane igama layo. Le Nduku iyiNtelezi engena kweziningana izindawo .

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo le Nduku iyiNtelezi elwa kakhulu , iyangena kwezokuphindisa , ukuphindisa into embi kumniniyo lapho ivela khona. Le Nduku iyangena kwezocupha ngokucansi . Le Nduku iyangena kwezokubethela ikhaya .Iyangena nakwezokubethela izulu….Iyangena futhi eNtelezini echela ikhaya , iNtelezi exosha izinto zabakhunkuli. Le Nduku iyangena kwezezitha. Le Nduku iyangena eNdukwini edlelwa ehlathini uma kugezwa aManzamnyama. Le Nduku iyangena kwezamacala , eNdukwini edliwa umuntu ohamba izinkantolo noma onamacala mhlawumbe emsebenzini noma eNduneni . Le Nduku iyangena kwezoPhunyukabemphethe , okuyiziNduku ezidliwa izinsizwa ezihlezi zivika iNgalo yoMthetho..


*ISithombe sale Nduku sithathe kuFacebok ka Mkhulu uGigaba Mntambo***

Khumu !!

Niphile nina abakaMbomboshe omnyama . Thola olunye ulwazi kuYou Tube

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo