Incazelo ngeButha

IBUTHA

Nina abakaNowelamuva wawo Shaka uMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni ! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu !! ISikhukhune sikaNdaba esikhukhule oMame sabetshatha saye sayobalahla ezinkwazini zoThukeka!#ISilo sakithi kwaNodwenu leso iSilo uMpande ka Senzangakhona ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu.. Sisaphila thina kwaSokhumalo

IButha ..

Nalo-ke iButha nina beSilo. Umsebenzi wale Nduku nina beSilo wukudonsa , le Nduku yinhle kakhulu eZibungeni zamaBhizinisi . *Le Nduku nina beSilo ithe ukujula  .Kuye kube kuhle kakhulu ukuthi uma uzoyikha uqale ngokuyikhunga ngemali ekhanyayo ukuze phela ikusebenzele kahle , ingakubutheli namashwa. Le Nduku iyatshalwa nasekhaya itshalelwe khona ukudonsa umnotho , nakhona uma uzoyitshala kuye kube kuhle kakhulu ukuba uyikhunge kuqala ngemali ekhanyayo .. Le Nduku yinhle kabi kwezokudonsa kanye nezokuthandeka . Iyangena eZibungeni zeBhizinisi njengoba besengishilo . Iyangena kuMabutho alandayo. AmaSoka ayikhonzile le Nduku, ayithaka kwezokuthandeka . Ayithaka kwezokuphalaza ,eziKhafulweni , ayayithaka futhi kwezokugeza kanye nakwezokugquma ..**Le Nduku iye idinge ukuqashelwa ngoba ayithakwa kakhulu , ineseKali sayo .Wayithaka kakhulu igcina idonsa namashwa , ikakhulukazi uma ingazange ikhungwe ngenkathi ikhiwa ..


Khumu!!

Niphile nina beSILO .Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV””

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo