Umlando ngeDolobha laseThohoyandou , eVenda

IDolobha laseThohoyandou

Nina beSilo ake ngiphose itshe eSivivaneni ngomlando weDolobha laseThohoyandou okuyiDolobha elitholakala eVenda , esingasho impela sithi yiyona Nhloko Dlolobha yaseVenda . Igama elithi ‘thoho ya Ndou lichaza ‘ ukuthi ‘ikhanda le Ndlovu ‘ ngesiZulu. Leli Dolobha laqanjwa ngeNkosi yabaVenda inkosi uThohoyandou indodana ka Dimbanyiko eyabe ibusa abaVenda ngeminyaka yama 1700s. Kuthiwa inkosi uDimbanyiko yabe inamadodana amaningi esingabala kuwo yena  uThohoyandou , uTshisevhe , uRaluswielo kanye nabanye . URaluswielo wayebuye aziwe ngelika Tshivhase , naye kwaqanjwa ngaye iDolobhana iTshivhase elibuqamama neDolobha iThohoyandou. *Kuthiwa isizwe sabaVenda sadlondlobala kakhulu ngesikhathi sokubusa kwenkosi uThohoyandou engicabanga ukuthi yikhona okwaba yimbangela yokuthi uNdunankulu wabaVenda uPatrick Ramaano Mphephu  agcine ethathe isinqubo sokwakha iDolobha laseThohoyandou ngowe 1977. UPatrick Rammano Mphephu wabe enguPrime Minister we Venda Bantustan ngaleso sikhathi, phecelezi uNdunankulu. Ngaso isikhathi sikaNdunankulu uMphephu kwakhiwa iNkundla yezemidlalo yebhola (Stadium),  eyabizwa nge Venda Independence Stadium.Le Nkundla yakhiwa kubungazwa inkululeko yabaVenda ababesanda kukhululeka kwabamhlophe. Kwathi ngowe 1994 laguqulwa igama le Nkundla , kwaba i-Thohoyandou Stadium. Le Nkundla imumatha abantu abangama 20 000 **Inkosi uThohoyandou yakhothama ngayo iminyaka yama 1700s ngasekupheleni kwayo , ngemuva kokukhothama kwayo kwabusa indodana yayo  uMunzhedzi Mpofu, owabusa ngemuva kokubanga iSihlalo noYise omncane uTshisevhe lapho kwaqubuka khona impi enkulu eyoholela ekutheni uTshisevhe asale enkundleni..

Khumu!!

Niphile nina beSilo . Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”


Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo