Umlando ngaMakhosi aseBaThenjini, oJama kanye noNdina bakaMnisi:::

Esithombeni nguSiphelele Promise Mthembu , umdlali ka Nobhutshuzwayo

Uma kukhulunywa ngaBaThembu kusuke kukhulunywa ngabantu bakwaMthembu kanye nabakwaMvelase. AbakwaMthembu bayiNdlu enkulu yaBaThembu , kanti abakwaMvelase bona bayiNdlu encane . Ngasohlangothini lweNdlu encane yaBaThembu okungabakwaMvelase endulo  kwagqama kakhulu inkosi uNgoza ka Mkhubukeli , esesaxoxa ngayo. Namuhla sizothinta iNdlu enkulu yaBaThembu , okungeyakwaMthembu.

Ngesikhathi sokubusa kwenkosi uDingiswayo ka Jobe yaBaThethwa abantu bakwaMthembu babebuswa yinkosi yabo uJama ka Mnisi ka Ndaba . Babakhe iHlalankosi labo ngaphezu koMfula iNseleni , lelo Hlalankosi lalibizwa ngokuthi kuseNhlangwini. Kusuke kushiwo yona iNhlangwini yaBaThembu ezibongweni zenkosi uDingiswayo uma kuthiwa “Izulu eladuma eNhlangwini kuBaThembu aBaThembu bakhweza baya ngoJama ka Mnisi . Lezo zihasho zenkosi uDingiswayo zakheka ngoba inkosi uDingiswayo yahlasela yehlulwa aBaThembu ngaphansi kwenkosi uJama .Inkosi uDingiswayo yabe iseMkhankasweni wokuhlanganisa izizwe ukuba zibe yisizwe esisodwa , okuwumMkhankaso owagcina uqedele yiSilo uShaka.. Ngemuva kokwehlulwa kwaBaThembu behlulwa yisizwe saBaThethwa inkosi uDingiswayo yafaka aBaThembu ngaphansi koMbuso wayo, okuchaza ukuthi inkosi uJama yayisibusa njengeNduna yenkosi uDingiswayo eyayisilinqobile elaBaThembu. Kwahamba kwahamba yakhothama inkosi uJama , nayo inkosi uDingiswayo yakhothama ibulawa inkosi uZwide. Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi uJama izikhulu zaBaThembu zaqoka uNdina ka Mnisi ukuba abe yinkosi yesizwe saBaThembu, umbuso waso owawungaselutho .***UNdina kuthiwa wayengeyena owaseNdlunkulu kepha wayeyiQadi , waqokwa ngoba uMhawana inkosana yenkosi uJama yabe isencane kakhulu.  Okwabuye kwashabalalisa ithemba lobukhosi baBaThembu ukuthi buyobuye buvuke kwaba wukuthatha kweSilo uShaka esikhundleni senkosi uDingiswayo. ISilo uShaka asibanikanga aBaThembu ithuba lokusimama, sabahlasela aBaThembu ngaphansi kwenkosi uNdina ka Mnisi . Kuthiwa inkosi uNdina yakhothama ngaso isikhathi sokubusa kweLembe(iSilo uShaka). Kuthiwa inkosana yenkosi uNdina kwabe kunguVico , okuthiwa washiya izwe lakubo wayokwakha eMhlathuze ngoba enengwa ukuthi ngisho noma wayengabusa kodwa  wayengeke abe nkosi yalutho , uyobusela amanye amakhosi. Kuthiwa ubukhosi bawela kuMfowabo uSondaba owabuthatha ebanga nomfowabo uMngcikivana. USondaba wazala uSiyembeyembe owakhothama engayishiyanga indlalifa. Ubukhosi bagcina bubuyele kuMhawana ka Jama , eNdlunkulu. UMhawana wazala uMmangaliso owazala uLokothwayo. *Kwathi ngesikhathi sokubusa kweSilo uMpande iSilo uMpande iSilo uMpande sathatha uSomopho ka Zikhala\Sikhala ka Bhacile owabe engoweNdlu encane , sameza iNduna yaso eyethembekile ukuba ikhulise indodana yaso uMntwana uCetshwayo ka Mpande, ibe futhi nguMeluleki wayo. Ngakho-ke ubukhosi baBaThembu bagcina buwele eNdlini encane , okungaBaThembu abaziwa namauhla ngokuthi bangaBaThembu basoGwini.. **USomopho ka Sikhala\Zikhala waba ngomunye wabaHoli beMpi ka Zulu eyabhekana namaNgisi eNyezane mhla zingama 22 kuMasingana 1879 okuwusuku okwalwa ngalo iMpi yaseSandlwana.Le Mpi yadonsa izinyanga ezimbili .Abanye abaHoli bayo kwakungoBhejane ka Nomageja ,uMntwana uDabulamanzi ka Mpande ,  Phalane ka Mdinwa kanye namanye .Inkosi uSomopho yabuye yadidiyela neMpi yaseGingindlovu mhla zimbili kuMbasa 1879.

 


Khumu!!

Niphile nina beSilo. Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”, kuleyo Channel kubuye kutholakale nezincazelo zamakhambi esintu..

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo