Incazelo ngoMkhwishamanzi     (Cormorant\uMphishamanzi)

UMkhwishamanzi

Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhula umlilo eNdulindi ububaswe nguMantshonga benoGqelebana!! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo!!#ISilo sakithi oNdini leso iSilo uCetshwayo ka Mpande .Enhla nasezansi ngibabingelela abeZulu eliphezulu. Ngethemba basaphila*****************Le nyoni eniyibonayo nina beSilo kuthiwa uMkhwishamanzi ngesiZulu, noma uMphishamanzi. Abanye bayibiza ngoMdobi ngoba idla izinhlanzi. Lena kwaNdebele yaziwa ngePhaswana , bathi eNdulo kwakukhona neButho lakwaNdebele elaliqanjwe ngayo le Nyoni , elalibizwa ngaMaPhaswana. Le Nyoni nina beSilo iziphilisa ngokudla izinhlanzi ikakhulu lezi zinhlanzi ezibushelelezi ezibizwa ngamaTrout ngesiNgisi . Le Nyoni ithi ayifane neNjula, iyakwazi ukubona nokuhogela iphunga lenhlanzi engaphakathi emanzini yona ibe iphezulu indiza emkhathini .Bese iya amanzini ngokukhulu ukushesha , iyingene emanzini itshuze iphume isiyiphethe ngomlomo iyoyigingela lena kude. Nina beSilo le nyoni yinhle kabi ekuvikeni , ngeke uyenze lutho ngeSihlingi , ayidubuleki nhlobo ngeSihlilingi. Kuye kube ngcono uma uzoyidubula ngeSibhamu esikhipha izinhlamvu eziningi ngesikhathi esisodwa , eziwuhlwayi. Igama lesiLungu lale nyoni kuthiwa yi-Cormotant , abeLungu abangamaNgisi bayibiza ngeComrade.

Yenzani le Nyoni?

Nina beSilo izinyawo zale Nyoni zinhle kabi kuMabutho athunywa ukuyolanda. AMabutho athakwe le Nyoni awayiphumi iNqina ka Mabuyaze , awabuyi elambatha. Ikhanda lale Nyoni kanye namafutha ayo kuhle kakhulu kwezokugomela iSibhamu . Kuye kuthakwe nezinye iziNduku ezifana nexolo le Nkakha, eleNgwenya kanye nezinye iziNduku. Ikhanda lale nyoni kanye namafutha ayo kuhle kwezokufesa umsebenzi , eZikhafulweni zokudonsa kanye nezomsebenzi.  Ikhanda lale Nyoni lihle kakhulu eMibhemisweni yokubhula kanye nasemithini yokufundulula izinto ezifihlakele , ezigqitshwe ngabathakathi ebaleni.


Khumu!!

Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo