Incazelo ngeNhlaba enkulu  ( Aloe ferox)

INhlaba enkulu

Nina bakaSifuba singungu singungubele nyakana sibhobokayo umuntu uyakuziwa izindaba!! UMgwagwa wezulu!! UMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? Lokhu sasiyokwenza amagudu okubhema!! UDlothovu kabhekeki ufana nemisebe yelanga!! #ISilo sakithi oSuthu leso , iSilo uDinuzulu ka Cetshwayo !!…………. Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu, ngethemba nisaphila nina beSilo… Le Nduku eniyibonayo ibizwa ngeNhlaba enkulu, ibizwa ngeNhlaba enkului ngoba ziningi izinhlobo zeNhlaba ngoba phela imithi efana noCena , oNkalane, oMathithibala nayo iwela kuwo umndeni weziNhlaba (Aloes). Lolu hlobo lweNhlaba olusesithombeni lubizwa nge Aloe ferox. Lolu hlobo lumuthi luwusizo kakhulu kubantu abansundu ngoba luyelapha , lwelapha izinhlobonhlobo zezifo.. Uyababa lo muthi nina beSilo kodwa uwusizo kabi.

Yenzani iNhlaba enkulu?

 


Nina beSilo amacembe asemanzi alo muthi aye athelwe emanzini afudumele kwenziwe iSiphungo esinciphisa ukwanda kweNhlungwane (acid) kanye noShukela emzimbeni womuntu. Kanti lesi Siphungo sibuye sisetshenziselwe ukuxubhela izinyo elibuhlungu , sikhipha isilwane ezinyweni.  Amacembe asemanzi alo muthi abuye aqotshelwe lapho kuphuza khona iziNkukhu ukuze zelapheke kuzo zonke izifo eziphatha izilwane kuhlanganisa nemikhuhlane kanye nokwanda kwenyongo. Amacembe asemanzi ale Nduku mahle nasekuchatheleni ukulungisa nje umzimba , nokukhipha inyongo ..Ayangena futhi nakwezokucija uBhoko lweSisu. Amacembe omile ale Nduku aye agaywe kwenziwe uGwayi obhenyelwa ukuhlakaza nokuvula  imithambo yekhanda evalekile eba yimbangela yekhanda elinkenkathayo. Kanti lo Gwayi ubuye usetshenziselwe ukuxhumana nabantu abadala ngoba ubuye ushiswe kanye neMpepho eMsamo. INhlaba iyangena nakwezokubethela umuzi. Insizi yamacembe eNhlaba iye ifakwe ezinyweni elibuhlungu, ishuthekwe. Kanti impushana noma uGwayi wamacembe eNhlaba ezinsizini zaMalumbo kuhlanganisa nawocansi imbala . Le mpuphu ibuye ingene nasezinsizini zesifo soHlangothi (Stroke), kanye nakwezeNkwantshu. Amacembe eNhlaba aye aqotshwe bese kwenziwa ngawo iMbiza ephuziswa imfuyo uma igula , kungaba inkomo , imbuzi , ihhashi njalo njalo. Singabala kushone ilanga nina beSilo yenza imisebenzi eminingi le Nduku.

Khumu!!

Niphile nina beZulu eliphezulu.Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV””

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo