Incazelo ngeSithwalambiza  (The Praying Mantis)

ISthwalambiza

Nina beMbube eshoba liyisilikithi ngethemba nisaphila . Le silwane esincane enisibonayo sibizwa ngeSithwalambiza ngesiZulu. NgesiLungu kuthiwa yi-Praying Mantis. Lesi silwane sibuye sibizwe ngoGogo ngoba abantu abansundu bakhulelwa ekutheni uma sike sabonakala ekhaya kusuke kuyiDlozi lo muntu wesifazane elisuke livakashile. Abanye baze bagaye noTshwala impela, babambe noSphongwana esibayeni bahlabele lelo Dlozi. Iningi leZithwalambiza ziluhlaza ngokombala, kodwa bathi zikhona nezinye  ezinemibala eyehlukile  . Kukhona nenye futhi inkolelo ethi uma kuke kwabonakala iSithwalambiza kusuke kuyiDlozi lomuntu wesifazane elifike ngoba lizovikela elinye lamaLungu oMndeni wakulelo khaya. ISithwalambiza asibulawa uma sibonakale ekhaya. Siyayekwa sizihlalele siyoze sizihambele uma sesithandile. IZithwlwambiza zinamaphiko , ziyakwazi ukundiza. Abanye baye bathi uma kubonakale iSithwalambiza esinsundu kusuke kuzovela into engeyinhle kulelo khaya. Angazi noma lokho kuyiqiniso yini.. ISithwalambiza sibizwa ngePraying Mantis ngoba sihlezi sihlanganise izandla kuhle komuntu othandazayo..

Khumu!!!

Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” ………


 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo