Umlando ngoMgojana ka Somaphunga Ndwandwe

Esithombeni nguVelemseni Ndwandwe ,umdlali weBhola

Nina beMbube eshoba liyisilikithi ake sibheke umlando ngoMgojana , indodana ka Somaphunga ka Zwide Ndwandwe…*Ngenkathi inkosi uZwide ka Langa inqotshwa yiMpi yeLembe eMpini okuhlawumbiselwa ukuba yalwa ngowe 1821, uSomaphunga wanquma ukuba azinikele eSilweni uShaka okuthiwa samemukela ngezandla ezimhlophe , saze samganisela nabafazi samupha nomqeku wezithole.Kuzokhumbuleka ukuthi kuleyoMpi maningi amadodana enkosi uZwide asala enkundleni, kuzokhumbuleka nokuthi inkosana yenkosi uZwide yabelekela ngasoPhongolo, kanti futhi inkosi uZwide yona kuthiwa yabaleka yabheka enyakatho. ** Eseganiwe uSomaphunga wazala amadodana amaningi esingabala kuwo uMgojana owabe eyinkosana yakhe, sibale uMankulumana owaba nguNdunankulu ka Zulu ngesikhathi seSilo uDinuzulu, sibale noHuqeni owayebuye aziwe ngelika Sivukane.

*UMgojana waganwa nguMntwana uMbixambixa ka Mpande owayelamana naBantwana oCetshwayo noNdabuko kwiNdlovukazi uNgqumbazi Zungu. *Kuyavela emlandweni ukuthi uthando lukaMgojana kanye noMntwana uMbixambixa aluzange luhambe kahle ngoba uMgojana wayegqishe noMntwana uZibhebhu futhi engomunye wabantu ababesetshenziswa yisandla esinoboya , isandla samaNgisi. Ukwembuka kukaMgojana kufakazelwa ukulwa ngasohlangothini loMntwana uZibhebhu eMpini yaseMsebe ngowe 1883 ngoNdasa. Impi yaseMsebe yabe iphakathi koSuthu (abalendeli beSilo uCetshwayo) kanye noMandlakazi (abalendeli boMntwana uZibhebhu) .Impi yoMntwana uZibhebhu yayihlonyiswe ngezibhamu ihlonyiswe ngamaNgisi -yadala omkhulu umunyu oSuthwini olwalethembele eziHlangwini nasemaKlweni. UMgojana waphinde wagqisha noMandlakazi eMpini yakwaNdunu okuyiMpi eyabe iphakathi koSuthu ngaphansi kweSilo uDinuzulu kanye naye uMntwana uZibhebhu. LeyoMpi yalwa ngoNhlangulana 1888. UMgojana wasala enkundleni khona kwaNduna , okuyiGquma elikwaNongoma , ngaleso sikhathi wayesehlukene noMntwana uMbixambixa .*UMntwana uMbixambixa wayebuthelwe ebuthweni labaNtwana beSilo uMpande okwabe kuyiButho lezintombi elalibizwa ngoMkhandandlovu .Kulelo Butho kwakukhona nabanye abaNtwana esingabala kubo uMntwana uMbikose, uMntwana uNomabhunu , uMntwana uNomanxiwa kanye nabanye.. *UMkhandandlovu welama iNdlovukayiphikiswa nalo okwabe kuyiButho lezintombi ,lande aBantwana beSilo uMpande esingabala kubo uMntwana uBekiwe, uMntwana uBathonyile kanye nabanye …. UMgojana wazala uMbuswana , uMoya kanye nabanye ..

Khumu!!


Niphile nina beSilo .Thola ulwazi ngamakhambi eSithu kuYou Tube wethu esithi “Kholo Khumalo TV”

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo