Incazelo ngoMavumbukuka  ( Sarcophyte sangainea, iHlule)

UMAVUMBUKA(IHLULE)

Nina abeNkayishana enkulu ka Menzi ephuza uMlaza ngameva ! ULanga lisehlule madoda sesingamavithi!#ISilo sakithi kwaDlamahlahla leso , iSilo uSolomoni ka Dinuzulu.. Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo. Ngethemba basaphila. Le Nduku eniyibonayo  kuthiwa uMavumbuka igama layo .Ibuye ibizwe ngeHlule… Ngilibhalile igama layo loSosayensi.

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo le Nduku yinhle kakhulu kwizichitho ikakhulukazi esezinduna kanye nesezintwala zengulube . Imandla kakhulu kangangokuthi iyazama impela ukulwa iyodwa vo. Le Nduku iye igqume ngomuntu onalezo zinhlobo zezichitho , abuye ageze aphinde enze ngayo imbiza. Iba mandla kakhulu uma isithakwe nezinye iziNduku zesichitho ezifana noMvuthuza ,iNhlokoshiyane kanye nezinye . Le Nduku iyiNduku enhle yesikhumba , iyasigeza isikhumba somuntu osuke eyisebenzisa. IMbiza noma yale Nduku ibuye ibe yinhle ekulapheni isisu esibuhlungu esikhipha igazi . Le Mbiza yinhle kubantu kanye naseNkonyaneni ahuda igazi.Le Mbiza yinhle nasekudambiseni amandla eSilumo esihlasela ngamandla uma owesifazane uma  eseFindweni. Le Mbiza yinhle nakumuntu wesifazane osanda kubeletha, ifana noGobho. ISigaxa sale Nduku siyathakwa eMbizeni yokwelapha iSilumo. Le Nduku ibuye ibe yintelezi,  kuye kube kancane kakhulu ukuba  isale eNdukwini egeza isichitho,  ikakhulukazi esezintwala zeNgulube nesezinduna… Le Nduku iyangena nakwezokukhushulwa emsebenzini. Iyangena futhi nakwezenhlanhla..


Khumu!!

Niphile nina beZulu eliphezulu. Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo