Umlando ngeDolobha laseMkhondo (Piet Refief)

UMkhondo Centre

Nina bakaMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo , iNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyofa uMdelebe!!#Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo ake sibheke umlando ngeDolobha laseMkhondo .

EMkhondo

Leli Dolobha laseMkhondo liseSifundazweni saseMpumalanga , ngaseNingizimu-Mpumalanga woMngcele weZwe laseNingizimu Afrika nelaseSwazini. Leli Dolobha lakhiwa ngowe 1883. Leli  Dolobha laseMkhondo lalaziwa ngokuthi kusePiet Retief ngaphambilini. UPiet Retief lona wayengomunye wabaHoli bamaBhunu. Leli Bhunu uPeit lalizalwe ngowe 1780 , lashona ngowe 1838. *UPiet  nendodana yakhe kanye neSigejana samaBhunu bafa bebulawa yiMpi yeSilo uDingane eSibayeni eMgungundlovu. Kuthiwa isizathu sokubulawa kwabo  kwaba wukuthi yena nozakwabo babebhadanywe oGqayinyanga beSigodlo saseMgungundlovu bezama ukukaka iSigodlo saseMgungundlovu ebusuku.UMgungundlovu kwabe kuyiSigodlo seSilo uDingane esasakhelwe ngaseMakhosini .  Kusuke kushiwo yena uPiet  ezihashweni zeSilo uDingane uma kuthiwa “IHwanqa eladla amanye amaHwanqa ngoba ladla uPiti kwabaseMgungundlovu “… Ziqhubeka zithi “IZibuko lika Ndaba emadwala abushelelezi , lishelele uPiti nendodana” .. Kwahamba kwahamba amaBhunu aqamba isiGodlo sawo ngoMgungundlovu , leso Sigodlo namuhla sesiyiDolobha iMalizibheki. *Kwathi ngowe 2009 owayeNgqongqoshe wezamaSiko nezeMidlalo uLulu Xingwana waliguqula igama leDolobha lasePiet Retief, wathi kuseMkhondo. Kuleya ndawo yaseMkhondo kwande kakhulu izihlahla ezisetshenziselwa  ukwenza umsebenzi woKhuni , phecelezi Timber . Inothe kakhulu impela leya ndawo  ngohlobo lwalezo zihlahla kangangokuthi zize zidayiswe naPhesheya kweziLwandle. EMkhondo kwande kakhulu abantu abakhuluma ulimi lwesiZulu, kukhona nokho nengxenye ekhuluma isiSwati. Izibongo ezitholakala eMkhondo oHadede , Khumalo, Dlamini njalo njalo .


Khumu!!

Niphile nina beSilo . Thola ulwazi ngamakhambi eSintu kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo