Incazelo ngoMshekisane  (Euclea crispa)

UMSHEKISANE:

Nina abakaSimayedwa onjengeLanga lona limi lodwa eZulwini! UNowelamuva wawoShaka, uMdayi sabela kweliPhesheya uZalukazi zosala eManxiweni amaXhegu ayosala eMizileni! UMandasithebeni lo onjengeNsonyama!#Enhla nase zansi ngiyayibingelela iNgabade, sisaphila thina kwaSokhumalo. Nina beSilo lo muthi eniwubonayo kuthiwa uMshekisane igama lawo. Kahle-hle bengingakuhlelanga ukubhala ngalo muthi, isizathu esingenze ngabhala ngawo wukuthi izolo ngibhale ngeDungamuzi kwase kuba khona iziThuphethu ezingiphikisile zathi akulona iDungamuzi kepha uMshekisane. Kodwa angikho kakhulu lapho ngoba lezo ziThuphethu ngivele ngazidla ngaMbazo fast fast one time!!! Nina beSilo iDungamazi noMshekisane izihlahla eziseMndenini owodwa ezicishe zifane .UMshekisane ubizwa ngeEuclea crispa ngesiLungu, kanti iDungamuzi lona libizwa nge Euclea natalensis \capensis.Abantu mabayeke ukuphikisa into abangayazi!!! UMshekisane ubuye ubizwe ngeSizimane .

Wenzani uMshekisane?

Nina beSilo ixolo lo Mshekisane noma impande yawo yinhle kakhulu kwiMibhemiso yekhanda elinkenkethayo , iye ithakwe nezinye iziNduku ezifana noBande lwamaNdawe , uMkhondweni kanye nezinye . Kanti futhi ixolo noma impande yoMshekisane kuhle kakhulu ekwelapheni izilonda ngaphakathi , kuhle futhi nakwezoMzimba omubi ogcwele iziNduna.Kuye kuphekwe kube yiMbiza yoMzimba omubi, le Mbiza  ibuye ishise  nezilonda ngaphakathi. Impande noma ixolo loMshekisane kuye kugaywe kube yimpuphu eyonanyekwa emanxeni noma ezilondeni ezingaphandle ukuze zisheshe zome. Le mpuphu ibuye ifakwe nasezinyweni elibuhlungu ukuze ibulale isibungu okuyisona mbangela yenhlungu .AbeLungu bengakafike nemithi yabo yokuxubha abantu bakithi babesebenzisa wona uMshekisane ekuxubheni kwazise futhi uwumuthi omuhle wamazinyo.


Khumu!!

Niphile nina beZulu eliphezulu..Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo