Incazelo ngeNtolwane  ( Elephantorrhiza elephantina , Elephant root)

INTOLWANE

Nina abeSinakanaka sezincwadi ebezibhalwa nguMalimade kwabamhlophe abeLungu! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo!IGwalagwala lika Menzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela! #ISilo sakithi oNdini leso , iSilo uCetshwayo ka Mpande . Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu . Ngethemba basaphila. Sisaphila thina eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa yiNtolwane igama layo. Ngilibhalile igama layo lesiLungu..

Yenzani iNtolwane ?

Nina beSilo kuye kusebenze izingxabu kule Nduku. Izingxabu  zeNtolwane  zinsundu ngokombala, zithi lapho sezifakwe emanzini ziwuguqule umbala  wamanzi ube bomvu tebhu. Le Nduku yinhle ekuphalazeni  , ikhipha- ikhuculule yonke inyongo kanye nezindenda. Le Nduku iqeda isidina  kumuntu osuke ephalaze ngawo.Ibuye igeze nesikhumba sakhe ishise nezinduna ebusweni.  Ibuye idambise nezinhlungu zesifo sehliziyo. Le Nduku yinhle futhi  nasekuchatheni , ikakhulukazi abantwana ,  inqanda izinhlungu zesisu esikhipha igazi. Le Nduku iyagena nasemithini yokugeqa iqolo, ezinsizweni nasezintokazini. Abazali babuye bafake impuphu yeNtolwane   ePhalashini lezingane ,ukuze iyolwa nenyongo ngaphakathi esiswini, yenze inhliziyo yengane ithande ukudla. Ekuphalazeni  iNtolwane iye igiye kakhulu  nezibomvu, esingabala kuzo uMaphipha, iNgwavuma, uVumakubangoma obomvu, bese uthi chatha ixodlwana leNyazangoma elibomvu, noma uHlunguhlungu. INtolwane ibuye ithakwe futhi   nakwezokugeza amabhadi, eziNdukwini eziphalazayo , ezigezayo kanye nezigqumayo . INtolwane ibuye ibe yinhle kakhulu emfuyweni. Abafuyi bayiphuzisa imfuyo yabo ukuze inone, inothe yande,ichume. Iphuziswa kakhulu izimbuzi namathole. Zichuma kakhulu izimbuzi eziphuziswa iNtolwane, amathole wona anona  adabuke  .Kuyo yonke imfuyo iNtolwane iba yinhle kakhulu uma uthakwe nezimpande zikaBhoqo,nezikaVimbukhalo. Iphuziswa yonke imfuyo, amahhashi, izinkomo, amathole, izimvu ,izimbuzi nokunye. UVimbukhalo wumuthi onesigaxa esithi asifane nesikaBhatata.Impuphu yezimpande zeNtolwane iye ithelwe amanzi afumele ibe yiSiphungo esigeza iSibeletho sikaMame , siqinise namathambo , silaphe nesifuba esicinanayo. Iningi liye liphamabinise iNtolwane noMdabu.


#Khumu!

Niphile nina beSilo .Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo