Incazelo ngeSinkwe (Bush Baby)

ISINKWE

Nina beSikhukhulane sikaNdaba esikhukhule oMame sabetshatha, saye sayobalahla ezinkwazini zoThukela!

Nanso-ke iSinkwe bakwethu, yisilwane lesi esizishaya iNkawu, siyagxuma naso , njengayo iNkawu. Siyakwazi ukugxuma sisuka kwesinye isihlahla ,siya kwesinye. NgesiLungu sibizwa ngeBush Baby ngoba uma sikhala ehlathini sikhalisa okwengane, ungafunga ukuthi kusuke kukhala umntwana. Lesi silwane sibizwa ngokuthi yi-Nagapie ngolimi lwesiBhunu, kuthiwa yi-Galaso ngolimi loSosayensi . NgesiNdebele sakwaMzilikazi kuthiwa yi-Mpukunyoni. Kuthiwa lesi silwane simitha izinsuku eziyi-khulu ,neshumi nambili(112, kuya ku116). Okusho ukuthi simitha isikhathi esingale kwezinyanga ezintathu. Kuthiwa uma singabulewe siyakwazi ukuphila isikhathi esiyiminyaka eyi-shumi ,nesithupha(16). Kuleli laseNingizimu Afrika ,kanye nasemhlabeni wonke jikelele, kuthiwa iSinkwe asikho engozini yokushabalala, ize izinyanga zisizingela ,ngenxa yezitho zaso , abalaphi bendabuko abelapha ngazo. Akulula nokho ukubonakala kwaso emini ,kwazise emini sisuke sizilalele esidlekeni saso. Ngicabanga ukuthi lokho kungesinye sezizathu lesi silwane singekho engozini yokushabalala, ngoba asibonakali kalula emini. Umuntu usibona ngenhlanhla nje, wucilo osuke uzishaye endukwini.

Senzani lesi silwane??


Isikhumba seSinkwe kushunqiselwa ngaso ingane uma ikhala into engapheli, noma uma seyephuzile ukuhamba. Ikhanda leSinkwe lingena emibhemisweni yokwelapha isifo sokudlikiza(isifo sokuwa). ISinkwe phela siyathanda ukuzishaya sengathi sifile uma sibulawa abazingeli baso, sifana neMbulu. Isandla seSinkwe singena emithini yokwelapha isifo sohlangothi,phecelezi i-stroke. Sifushane isandla seSinkwe. Ake ngime lapho-ke nina bakaMdayi .

Khumu!!

Thola ulwazi oluthe thuthu ngamakhambi kuYou Tube wami othi Kholo Khumalo TV

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo