Incazelo ngoSondelangange

USONDELANGANGE:

Nina abaka Zulu liyazayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela !! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! Inkomo eyakhala eMthonanjeni izizwe zonke zayizwa ukulila!!#ISilo sakithi kwaDukuza leso ,iSilo uShaka ka Senzangakhona….Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. ***Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uSondelangange igama layo, idume kakhulu ngelikaSondela ..Ibuye ibizwe ngoBobo..

Wenzani uSondela?

Nina beSilo uSondela uyasondeza njengoba negama nalo lizisho. Kusebenza impande kule Nduku. Inamandla kakhulu kwezokusondeza , yinhle kakhulu ekubuyiseni inhlanhla yokuzalwa eseyavalwa ngabathakathi. Le Nduku ingena kakhulu kwizinhlanga noma izigqabo zemali. Le Nduku iyangena nakwezothambisa intombi enolulaka uma yeshelwa. AmaSoka ayayazi le Nduku. Le Nduku nina beSilo iyaphalaza , iyagquma , iyakhafula kanti iyageza futhi. Le Nduku iyangena kwiZigubhu zokudonsa imali. Le Nduku iyangena kwiziHlanzi ezimhlophe zamaSoka zokuthandeka . *Le Nduku nina beSilo ibuye ibe yintelezi enamandla yokuphisa izinduku zabathakathi , yinhle kakhulu uma uyiqhathe neMpindamshaye , uMhlakaza (uNdiyaza), uChithibhunga kanye nezinye iziNduku. Kanti le Nduku yinhle futhi nasekucupheni umthakathi uma kunomcimbi , kuye kuchelwe ngayo ikhaya ngaphambi kokuba umcimbi uqale. USondela muhle nakuMabutho athunywa ukuyolwa , kanye nokuyolanda… **Kanti nabo abakhunkuli bayayithaka le Nduku ezintweni zabo ezimbi. Bayayithaka kwiziphoso zabo zokuwisa abantu ngezimoto, ukuthumela ngoMphezulu, ukuthumela ngesilwane kanye nokunye okubi ongahle ukucabange ……


Khumu!!

Niphile nina beZulu . Thola olunye ulwazu kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo